UMsholozi uzogqoka umfaniswano wasejele futhi asebenzise ucingo lomphakathi – njengazo zonke ezinye iziboshwa ezisejele

Dylan Bettencourt

UNgqongqoshe Wezobulungiswa uRonald Lamola uthe lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma ngeke athole impatho ekhethekile ejele.

Esithangamini sabezindaba, uLamola uthe uZuma ngeke aphathwe ngendlela eyehlukile kwezinye iziboshwa, wathi lowo owayengumengameli ngeke akwazi ukuthola umakhalekhukhwini kodwa kuzofanele asebenzise izingcingo zomphakathi njengezinye iziboshwa.

Uzogqoka nomfaniswano wasejele futhi ngeke akwazi ukufinyelela konogada bakhe ngesikhathi esejele.

ULamola uthe ukube umengameli ubethola impatho ekhethekile, ubezothathwa ayiswe kwelinye lamahhotela ezinsizakalo zokuhlunyeleliswa kwezimilo noma ezindlini zezivakashi. Kodwa-ke uZuma oneminyaka engama-79, uyiswe esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo e-Estcourt ngokulandela umthetho.

Isikhungo sokuhlunyeleliswa kwezimilo e-Estcourt eKZN, lapho uZuma aboshwelwe khona, siphatha iziboshwa ezingaphezu kwama-500 nje kuphela. Lesi sikhungo savulwa eminyakeni emibili eyedlule kanti sichazwe njengesikhungo esisezingeni eliphezulu esinesibhedlela nesikhungo sokuqeqesha. Kukhona ezokuphepha ngaphakathi naseduze kwalesi sikhungo.

INingizimu Afrika ilinde ngoLwesithathu ebusuku, ukubona ukuthi kuzokwenzekani emzini kaZuma oseNkandla ngaphambi kokuboshwa kwakhe.

Kuthe kungakapheli ihora lokugcina lokuthi aboshwe wabe esezinikela emaphoyiseni.

Ngemuva kokuboshwa kwakhe, uZuma utshele iNkantolo yoMthethosisekelo ukuthi uzofaka isicelo sokuthi kumiswe imiyalelo yokuboshwa kwakhe.

Kodwa-ke, ukuthi lesi sicelo siyabhekelelwa noma cha kuncike esinqumweni seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu maqondana nesicelo sakhe sokumiswa kwemiyalo yokuboshwa kwakhe.

Lesi sinqumo sizothathwa maduzane bese sikhishwa ngoLwesihlanu.

Umthombo wesithombe: @TheIndianExpress

Izihloko zakamuva