Umshikashika wokufuduka kwabadlali

Razeen Gutta

Njengoba isizini yebhola lezinyawo isondela emaphethelweni, abalandeli balinde ihlobo ngabomvu ukuze bathole izindaba mayelana nabadlali abasha. Joyina uRazeen Gutta njalo ngezimpelasonto ukuze uzizwele wena ngakho konke okwenzeka eNingizimu Afrika naseYurophu.

ULewandowski usekulungele yini ukuhamba ngehlobo? Ingabe uLukaku usendleleni ebuyela kwi-Inter? Ingabe abadlali abathathu boSuthu bazophuma eqenjini njengoba Amazulu ezakha kabusha?

Iwindi lokudayiselana ngabadlali livulwa ngokusemthethweni kuphela mhla zizinye kuNtulikazi emazweni amaningi kanti e-UK livulwa mhla ziyishumi kuNhlangulana. Kodwa-ke, amaqembu amaningi emhlabeni jikelele asevele akuvikele ukudayiselena kwawo kwangehlobo ngezivumelwano esezivele zikhona.

Kwenye indawo, abanye babadlali abasezingeni eliphezulu emhlabeni banezinkontileka eziphela ehlobo namaqembu abo noma sebekuvezile ukuthi bazoshiya amaqembu abo.

EYurophu

Omunye wabadlali abahamba phambili abayingxenye yalesi sigaba nguRobert Lewandowski ongumdlali ovelele kwi-Fifa. Lo mdlali (33), ushaye amagoli angu-35 kwiligi esiza i-Bayern Munich ukuthi iwine isicoco se-Bundesliga kulo nyaka kanti usekubeke kwacaca ukuthi ukholwa wukuthi sesiphelile isikhathi sakhe kuleli qembu.

Omunye umgadli odumile waseYurophu okungenzeka ukuthi uzoshiya iqembu lakhe nguRomelu Lukaku. Lo mgadli we-Chelsea akakashayi amagoli amaningi ngendlela abethanda ngayo kule sizini edlule, futhi uma kukholakala imibiko, kungenzeka ukuthi lo mdlali wase-Belgium usendleleni ebuyela kwi-Inter Milan.

Umdlali osemncane onethalente obesematheni muva nje ngumdlali odlalela i-AS Monaco u-Aurelien Tchouameni. Lo mdlali (22) ufunwa ngabawine isicoco se-Champions League i-Real Madrid kanye ne-Liverpool ephume isibili; futhi uma imibiko ikholakala, kuthiwa manje ne-PSG isiyamfuna.

Ezindabeni eziqinisekisiwe, i-Tottenham Hotspur ikuqinisekisile ukusayina kuka-Ivan Perisic ngokudluliswa kwamahhala. Lo mdlali wasesiswini wase-Croatia usayine inkontileka yeminyaka emibili ezomenza adlale ngaphansi kuka-Antonio Conte kwi-Champions League ngesizini ezayo.

Ngemuva kokuhamba kukakaputeni uFernandinho kanye namahlebezi okuhamba kuka-Ilkay G√ľndogan, abadlali basesiswini baseNgilandi uDeclan Rice kanye noKalvin Phillips kuthiwa bafunwa nguPep Guardiola.

ENingizimu Afrika

Ezindabeni zakuleli kuthiwa Amazulu azokhipha uXola Mlambo, u-Augustine Mulenga kanye noSiyanda Xulu. Laba bobathathu angeke babe yingxenye yezinhlelo zikaBrandon Truter zesizini ezayo njengoba Usuthu lubheke ukwakha kabusha isikwati salo. Elinye igxathu kulolu hlelo kube ukusayinisa umgadli uGabadinho Mhango osayine ngesonto eledlule.

Ngemuva kokuqeda endaweni yesihlanu ngemuva kwe-Stellenbosch FC ngokuhluka ngamagoli, i-Kaizer Chiefs isiqinisekise abadlali ababili abasayiniswe yiqembu elisendaweni yesine. Umdlali we-Stellies ongumdlali wesizini uZitha Kwinka nomgadli u-Ashley Du Preez bobabili bazojoyina Amakhosi mhla zizinye kuNtulikazi.

Umthombo wesithombe: @BeSoccer

Izihloko zakamuva