Doreen Mokgolo
USimangele Hadebe uthweswe isicoco se-flyweight ABU (i-African Boxing Union) ekuqaleni konyaka kanti uthi ubesebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi uyasivikela isicoco sakhe.
NgoMgqibelo ebusuku lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala wase-Ekurhuleni ukhiphe imbangi yakhe yase-Tanzania uStumai Muki emzuliswaneni wesithathu empini ebihlelwe i-ESPN Africa Boxing e-Sandton.
Unompempe kudingeke ukuthi ayimise impi kulandela i-TKO (i-Technical Knockout) ngemuva kokuthi uStumai ekhale ngehlombe wangakwazi ukuqhubeka nempi.
USmangele uchaze ukuthi udumele kakhulu ngesikhathi unompempe enquma ukuyiqeda nge-TKO.
“Benginethemba lokuthi sizolwa kuze kufike umzuliswano weshumi, kodwa waphelelwa ngamandla ukuthi angayiqeda impi kanti ubezimisele ekuqaleni kwempi njengoba ubebonakala ukuthi ukulungele ukulwela isicoco,” kusho uHadebe ngemuva kwempi.
USimangele uqhube wathi uthathe isinqumo sokugxila ekuvikeleni isicoco sakhe wabe eseqhamuka neqhinga elifanele ukwenza lokho.
Uthi wagqugquzelwa ukuba ngumshayiwesibhakela ngemuva kokubuka ifilimu kaClint Eastwood ethi-Million Dollar Baby ngo-2014.
Le filimu ikhuluma ngowesifazane osemusha ozimisele ngokuba umshayisibhakela okuyizwe lezemidlalo eligcwele abesilisa.
Le filimu igqugquzele uHadebe ukuthi aphonsele inselelo isimo esikhona futhi afakazele ukuthi abesifazane bangangenela umqhudelwano wesibhakela njengabesilisa.
“Ngangihlale ngifuna ukungena kulo mdlalo, kodwa ngatshelwa ukuthi abafana kuphela abavumelekile ukuthi badlale isibhakela, kodwa ngemuva kokubona ifilimu ngaya kumqeqeshi wakhona wesibhakela wavuma ngokungananazi.
Sasebenza kanzima sasheshe saqala ukuqhudelana sanqoba,” kusho uHadebe.
Wabe esephenduka uchwepheshe eminyakeni emibili kamuva futhi akaphindanga wabheka emuva.
Lo mdlali wakuleli usezoqhubeka nokuzilolonga njengoba elinde imbangi yakhe elandelayo futhi ezothola khona elinye ithuba lokuvikela ibhande lakhe.