Lubhalwe nguLinda Ximba
UJetlag usolwa ngokuhlulwa kwesihlabani sesibhakela sase-Zimbabwe uKudakwashe Chiwandire ohlulwe uYamileth Mercado ongumpetha we-World Boxing Council (WBC) e-Chihuahua, e-Mexico ngeSonto ekuseni.
UChiwandire odume ngelika “Take Money” ufike e-Mexico emahoreni ambalwa ngaphambi kwempi ngemuva kokubekezelela uhambo olubi oluphazanyiswe ukubambezeleka kokuthola i-visa yakhe yokuya e-Mexico ngenxa yokukhanselwa kwendiza.
Naye ubengenaso isikhathi sokujwayela izimo zezwe elisingethe impi.
Lokhu kuholele ekutheni aphuthelwe yithuba lokuba umshayisibhakela wakuleli zwekazi wokuqala ukuwina isicoco esibhekwe ngabomvu.
Naphezu kwalezi zingqinamba, uChiwandire ubonise isibindi ngesikhathi ebhekene nembangi yakhe ephoqeleke ukuthi ijule ukuze iwine njengoba impi yemizuliswano eyishumi iqhubeka ngaphambi kokuthi inkundla igcwale phama.
Lo mshayisibhakela (27) wase-Zimbabwe uqale kahle futhi ubebonakala eqinile yize uMercado ongumpetha womhlaba amahlandla amahlanu ebeza ngamandla.
Kodwa-ke, amajaji akhiphe amaphuzu angu-97 kwangu-93 evuna intandokazi yasekhaya uMercado ukuze awine ngesinqumo samaphuzu avumelana ngazwilinye phambi kwabalandeli bakhe.
Bekuyimpi yokuqala kaChiwandire esezingeni eliphezulu phesheya njengoba eseke walwa ekhaya kuphela nasezweni elingumakhelwane i-Zambia lapho athola khona irekhodi lokuwina amahlandla ayisithupha, ukuhlulwa kabili nokudlala ngokulingana emdlalweni owodwa.
UMercado wengeze impumelelo yakhe yokuwina amahlandla angu-22, ukwehlulwa kathathu, kanti ukuwina kwangeSonto kube impumelelo yakhe yesihlanu yokuvikela isicoco sakhe somhlaba se-WBC super bantamweight.
Umpetha wakuleli we-junior middleweight uShervantaigh Koopman ugcine isicoco sakhe okokuqala ngesikhathi ehlula uJackson Kaptein emzuliswaneni wesishiyagalombili.
Kwenye impi ethokozisayo uRoarke Knapp wakuleli uwine ngesinqumo semizuliswano eyishumi ngamaphuzu ahlukene ehlula umshayisibhakela onamava wase-France u-Ahmed El Mousaoui emqhudelwaneni we-junior middleweight ngoMgqibelo ebusuku.
Lezi zimpi bezisingethwe uRodney Berman we-Golden Gloves e-Emperors Palace ngase-Kempton Park.
Esithombeni esingenhla: UKudakwashe Chiwandire
Umthombo wesithombe: Facebook