Dylan Bettencourt
UVitali Klitschko uphathe isicoco sesibhakela se-heavyweight iminyaka eminingi ngaphambi kokuthi ashiye isibhakela athathe isihlalo sasephalamende futhi abe yimeya yenhloko dolobha yase-Ukraine, i-Kyiv.
Manje uKlitschko ubhekene nenselelo yakhe enzima kakhulu: ukuhlasela kwe-Russia edolobheni lakhe. Lo mshayisibhakela usukume ngokushesha washo ukuthi usekulungele ukuyolwa nabase-Russia.
“Vele sekuyimpi echitha igazi. Ayikho enye into engingayenza. Kufanele ngikwenze lokho, ngizolwa,” kusho lo mshayisibhakela wodumo etshela i-ITV.
Lona owayengumshayisibhakela oneminyaka engu-50 ubudala waba yimeya yase-Kyiv ngo-2014 – ngawo lowo nyaka i-Ukraine yalwa nokuthathwa kwe-Crimea yi-Russia.
Eminyakeni eyisishiyagalombili kamuva, uKlitschko usephinde wavinjezelwa ngabase-Russia kodwa kulokhu unomfowabo, uWladimir eduze kwakhe. UWladimir naye uke waphatha isicoco sesibhakela iminyaka eminingana.
UWladimir, ngokufanayo nomfowabo, ungumpetha wangaphambilini we-heavyweight futhi ufakwe ohlwini lompetha kulo mdlalo. Lo mlisa oneminyaka engu-45 ubudala ungene ebuthweni lase-Ukraine ekuqaleni kwale nyanga njengoba izwe libhekene nezinsongo zokuhlaselwa.
“Abantu base-Ukraine banamandla. Futhi bazohlala benjalo nakulokhu ababhekane nakho. Bangabantu abalangazelela ubukhosi nokuthula futhi. bathatha abantu base-Russia njengababafowabo,” ebhala ku-LinkedIn ngoLwesine.
IMeya uVitali Klitschko ulwe amahlandla angu-47 ngesikhathi esadlala isibhakela, wahlulwa kabili kuphela kanti uma i-Russia ibingahlula idolobha lakhe i-Kyiv, angeke kwenzeke ngaphandle kokuthi umpetha we-heavyweight akhiphe ezakhe izibhakela.
Umpetha wamanje we-heavyweight, u-Oleksandr Usyk, naye ungowase-Ukraine. Ukhethe ukubuyela ekhaya kulandela ukuhlasela kwe-Russia kwangoLwesine.
“Abanye bangibhalele bathi babalekile; abanye bathe abakwazanga, bebemsebenzini kodwa babuyile, basemakhaya,” kusho u-Usyk kuvidiyo ku-Instagram.
Umthombo wesithombe: @DailyStar