Umshayisibhakela wase-Mexico nerekhodi elisha

Linda Ximba

Umshayisibhakela wase-Mexico uSaul “Canelo” Alvarez ungumpetha womhlaba ophethe isicoco se-super middleweight ngemuva kokuthola amaphuzu amaningi ehlula uGennadiy “GGG” Golovkin ngeSonto ekuseni.

UCanelo uphume eringini e-Las Vegas ephethe isicoco se-Ring/IBF, se-WBA, se-WBC kanye nese-WBO ukuze aqinise indawo yakhe emlandweni wesibhakela.

Ukuwina kukaCanelo kubonakale kukukhulu kakhulu kunalokho okushiwo amakhadi wejaji. Ijaji elilodwa linikeze uCanelo u-116-112 ngesikhathi amabili emnika u-115-113, okwenze wacishe wahlulwa.

Kusukela ekuqaleni abashayisibhakela banikele ngakho konke abebenakho.

UCanelo (32), uwine ngendlela efanele kwi-trilogy yakhe edlala noGolovkin (40).

Bekubonakala ukuthi uCanelo ufuna ukumshaya ngesibhakela sokumlalisa phansi, ubekhipha izibhakela zakhe zesokunxele eshaya uGGG ekhanda emizuliswaneni wokuqala.

Kodwa-ke, umshayisibhakela wase-Khazakh ukwazile ukukhipha izibhakela ezimbalwa. Lezi zibhakela zilandelwe isibhakela esinzima esishaye ikhala likaCanelo eliphenduke laba bomvu ngesikhathi impi iqhubeka.

Owase-Mexico nguyena obeshaya kakhulu emizuliswaneni yokugcina ngesikhathi uGolovkin eqala ukufiphala futhi ebukeka eyisithunzi somshayisibhakela ohamba phambili ake waba yiyo. Uzamile ukuzimisela empini, kodwa wahluleka evumela uCanelo ukuthi awine wamthathele isikhundla sakhe sokuba i-super middleweight.

UCanelo ubenengcindezi ebheke kwi-slugfest e-TM Arena. Bekukule ndawo ngoNhlaba lapho ahlulwa khona okwesibili umshayisibhakela uDimitry Bivol wase-Russia.

Elungiselela le mpi, uCanelo uthe lena bekuyimpi yakhe enkulu kunazo zonke njengoba impi yabo yokuqala ngo-2017 yaba nempikiswano enkulu.

UCanelo uwine umdlalo wempinda, ngemuva kokuthi impi ibambezeleke izinyanga eziyisithupha ngesikhathi umshayisibhakela egwetshwe izinyanga eziyisithupha kulandela ukutholakala nezidakamizwa. Uthe usola ukuthi lokhu kwenzeke ngenxa yokudla inyama engcolile.

Ukuwina kwangoLwesihlanu kuqede izinxushunxushu kwaphinde kwathuthukisa irekhodi likaCanelo laba ngu-58-2-2.

UGGG ubenomusa ngemuva kokuhlulwa ngesikhathi uCanelo emukela imbangi yakhe yeminyaka eminingi, eyincoma futhi eyibonga ngokwabelana nayo ngomlando.

Izihloko zakamuva