Umshayisibhakela wakuleli uqophe umlando kweyamazwe ngamazwe 

Lubhalwe nguLinda Ximba

UThandolwethu Mathiba ube umshayisibhakela wokuqala wesifazane wakuleli ukuwina impi kwi-IBA Women’s World Championships.

Uhlule umshayisibhakela wase-Swatini uMagaya Veliswa ukuze angene emzuliswaneni olandelayo.

Lo mshayisibhakela waKwaZulu-Natal ubekhonya kakhulu kanti lokho kwenze umshayisibhakela wase-Swatini wabukeka njengomuntu ojwayelekile.

UMathiba oqhudelana esigabeni sika-50 kg uwine le mpi ngamaphuzu angu-5-0 futhi usuke emzuliswaneni wokuqala wafinyelela esigabeni somkhumulajezi ngenxa yekhono lakhe eliphezulu lezobuchwepheshe.

Uthe okumgqugquzele kakhulu ukuthi enze kahle ukuthi ozakwabo uPhiwokuhle “Ben 10” Mnguni kanye noLethokuhle Sibisi abenzanga kahle ezimpini zabo bagcina bekhishwe kulo mqhudelwano.

“Bengazi ukuthi kufanele ngilwe ngakho konke enginakho futhi ngiphakamisele ifulegi lakuleli phezulu ngemuva kokuthi odadewethu babhekane nezingqinamba,” kusho uMathiba ese-New Delhi, e-India.

“Bebengeseka yonke indlela futhi ngibonga uNkulunkulu ukuthi konke kuhambe kahle. Manje sekubhekwe ukuthi ngenze kahle emzuliswaneni wesibili futhi kwazi bani mhlawumbe ngingafinyelela kowamanqamu.”

Lona umqhudelwano wokuqala kaMathiba kanti ngaphambi kwalo mqhudelwano uthe ubehlose ukuthola ulwazi lwamazwe ngamazwe njengoba ebheke kuma-Olympics azobe ese-Paris ngo-2024.

Ngaphambi kokuthi uMathiba awine isimo besiphansi ekhempini yakuleli njengoba uMnguni enze konke, kodwa ekugcineni wahlulwa uThahn Yaho wase-Vietnam ngesinqumo sokuhlukana kwamaphuzu.

USibisi obebonakala okwesibili kule miqhudelwane naye ukhombise impi ukuzimisela, kodwa uhlulwe ngamaphuzu ebhekene noRahimova Zynab wase-Azerbaijan.

Esithombeni esingenhla: UThandolwethu Mathiba

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva