Umshayisibhakela wakuleli uFuzile usinde engozini yemoto

Linda Ximba

Umshayi wesibhakela ongumpetha onekusasa eliqhakazile waseNingizimu-Afrika u-Azinga Fuzile odume ngelika-Golden Gloves ujabulile ukuthi uyaphila ngemuva kwengozi yemoto eyenzeke e-East London ngeSonto.

Uhlobo olusha lwemoto yakwa-Volkswagen Golf 6 obeluhamba umshayi wesibhakela ngesikhathi ethola ingozi yemoto, ilimale kakhulu futhi angeke isalungiseka kodwa yena uthole imihuzuko emincane. Ngesikhathi singakwazi ukuthola uFuzile ukuthi aphawule ngokwenzekile sikwazile ukuthola uTerries Ntuthu oqinisekisile ngengozi.

UNtuthu uthembise ukukhipha isitatimende kwabezindaba nomphakathi uma esekhulumile noFuzile.

Lo mshayi wesibhakela oqhamuka endaweni yasemakhaya yase-Duncan e-Eastern Cape wagcina eringini ngoNhlaba lapho adlala khona ngokuzimisela kakhulu ngesikhathi eginqa uMartin Ward kabili ngemuva kokumshaya nge-knockout ngomjikelezo wesikhombisa ngesikhathi bedlalela i-IBF juniour-lightweight title eliminator e-Las Vegas eMelika.

UFuzile oneminyaka engama-25 uselindele ozonqoba phakathi kukaShav Rakhimov kanye noKenich Ogawa abazobhekana ngenhloso yokuthola isicoxo se-IBF.

UFuzile ungumshayi wesibhakela wesibili oqhamuka e-Eastern Cape obe nengozi yemoto. Owayephethe isicoco se-bantamweight aphinde abe ngumshayi wesibhakela uZolani Tete obewaziwa ngelika “Last born” wasinda ekufeni ngesikhathi i-Mercedes yakhe ayenikwe yona ishayisa ngoNhlangulana..

INingizimu Afrika ayikaze yaphinde yaba nompetha selokhu yagcina ngoTete benoMoruti Mthalane (be-IBF flyweight) ngesikhathi behlulwa, kanti wonke amehlo abheke uFuzile ukuthi abuyise isithunzi aphinde aphakamise ifulegi ngokubuya nendondo ye-IBF eNingizimu-Afrika.

Izihloko zakamuva