Umshayisibhakela wakuleli ufuna impinda ngemuva kokuhlulwa

Linda Ximba

Ikhempu kaLerato “Lights Out” Dlamini icasulwe ukuthi uhlulwe empini yakhe noJames Dickens ngempelasonto edlule e-Liverpool, eNgilandi.

Ithimba likaDlamini libukeka lizofaka inselelo yempinda kuDickens osanda kuwina isicoco se-IBO featherweight.

Amajaji amabili akhiphe imiphumela yaba u-115-113 ngesikhathi elesithathu linika umshayisibhakela waseNgilandi u-116-112.

Kodwa-ke, umqeqeshi kaDlamini, uCollin Nathan umile kwelokuthi umshayisibhakela wakhe bekufanele aqokwe njengompetha omusha.

“Umshayisibhakela wethu wenze konke ngendlela efanele,” kusho umqeqeshi onolwazi olunzulu.

“Ushaye uDickens kuzo zonke izinhlobo zokulwa phakathi nempi.”

Uthe bawine ngezibhakela baphinde bawina ngokuthi owakuleli ubeshaya ephindelela.

“Mhlawumbe uLerato bekumele amshaye ngesibhakela ebesizomlalisa phansi. Sizofaka isikhalo esisemthethweni futhi sizophonsela uDickens inselelo yempinda.”

Bekungokokuqala uDlamini ehlulwa futhi irekhodi lakhe selifundeka kanje: uwine amahlandla angu-18, wadlala ngokulingana kabili wahlulwa emdlalweni owodwa. Irekhodi likampetha omusha manje liyathuthuka ngoba usewine amahlandla angu-32 wahlulwa kane.

Lo mshayisibhakela wase-Free State uthole ithuba lakhe elikhulu ngemuva kokwenza izinto ezimangalisayo equmba phansi uJelbirth Gomera wase-Philippines ngenyanga edlule e-Bloemfontein.

UDlamini ubenomsizi kamqeqeshi uShannon Strydom kanye noBernie Pailman ekhoneni lakhe. Bekuyimpi yakhe yesibili ngaphandle kwezwe. Wawina isicoco sesiliva se-WBC e-Saudi Arabia ngo-2019.

Isithombe esigenhla: ULerato Dlamini

Umthombo: Facebook

Izihloko zakamuva