Umshayisibhakela wakuleli udalula ngempi yakhe nowase-Russia 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umpetha wakuleli wesibhakela se-junior welterweight, uPrince Dlomo usevikele isinqumo sakhe sokuthatha impi yokulwa nowase-Russia ngemuva kokuhlulwa nguKhariton Argba.

U-Argba unerekhodi lokunqoba imidlalo eyishumi engakaze ahlulwe. Le mpi ibibanjelwe e-DIVS Arena, e-Yekaterinburg, empini enganasicoco ngempelasonto.

Bekungokwesithathu uDlomo evuma ukuhlulwa e-Russia.

Lo mpetha ozinze e-Gauteng, ongowaseMgungundlovu uthe bekumele ayamukele impi ngemuva kokuhlehliswa kwempi obekumele yenzeke KwaZulu-Natal.

“Ngenze konke okusemandleni, kodwa ngahlulwa futhi angikhalazi ngalokho ngoba nginengane enezinyanga eziyisishiyagalolunye okufanele ngiyinakekele bengiyidinga imali kakhulu,” kusho lo mshayisibhakela.

“Kungenzekani uma impi yase-KZN iphinde ihlehliswa futhi lento yinto okumele ngihlezi ngiyilindele?”

Bekumele avikele isicoco sakhe kuMarcus “King Labamba” Lebogo, kodwa uphromotha uNomvelo Magcaba uwuhlehlisele usuku olungakadalulwa umdlalo.

Kubukeka sengathi umqeqeshi nomphathi kaDlomo, uCharity Mukondeleli unobudlelwano nalo phromotha wase-Russia.

UDlomo uchitha umbono wokuthi usetshenziswa njengesitebhisi njengoba ahlulwa ngesikhathi ebhekene no-Iman Ahmadov ngo-2019, uGeorgii Chelokhsaev ngo-2020 no-Yauheni Dauhaliavet ngo-2021.

“Abanye abashayisibhakela engike ngabhekana nabo basebenzisana nezinhlangano ezifana ne-WBA ne-IBF ngakho ukunqoba uma ngilwa nabo kuzongifaka ezingeni eliphezulu emhlabeni,” kusho uDlomo.

Emdlalweni wasekhaya usevikele isicoco sakhe amahlandla amane.

Osesithombeni esingenhla: UPrince Dlomo

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva