Linda Ximba
Umshayisibhakela wakuleli owine indondo yethusi kuma-Commonwealth Games uPhiwokuhle Mnguni usebheke ukuthola indondo yegolide kuma-Olympics e-Paris ngo-2024.
UMnguni uqophe umlando ngesikhathi eba umshayisibhakela wesifazane wokuqala wakuleli ukuwina indondo emincintiswaneni yakule nyanga.
Lo mshayisibhakela (21), wase-Dundee KwaZulu-Natal uwine indondo yethusi noTina Rahimi wase-Australia esigabeni se-featherweight 54kg-57kg.
UMnguni uhlulwe ngoMgqibelo uMichaela Walsh wase-Northern Ireland ogcine ewine indondo yegolide emdlalweni owandulela owamanqamu. Kodwa-ke, akazange avumele ukuhlulwa ukuthi kumthene amandla njengoba eqhubekele phambili ukuze athole indondo yethusi.
“Kuyisimanga kimina ukuba ngowesifazane wokuqala ngqa wakuleli ukuthola indondo kuma-Commonwealth Games,” esho ngemuva komncintiswano.
“Lokhu bengingeke ngikwenze ngaphandle kwabaqeqeshi bami nabo bonke abebengeseka. Ngibonga wonke umuntu ikakhulukazi uNkulunkulu kanye namadlozi wakithi.”
Ama-Commonwealth Games bekuwumncintiswano okuqala kaMmnguni ezingeni eliphezulu.
“Ngifunde lukhulu eringini, benginomshayisibhakela onamava ongifundise izinto ezithile. Ngiyalibonga kakhulu leli thuba. Ngizokhuphula izinga lami kuma-Olympics ase-Paris,” esho.
UMnguni ongumfundi wezemidlalo kulindeleke ukuthi amukelwe njengeqhawekazi ngoLwesithathu esikhumulweni sezindiza iKing Shaka, eThekwini.
Khonamanjalo, umshayisibhakela ozinze e-East London uSimnikiwe Bongco, naye utholele elakuleli indondo yethusi kwi-71kg-75kg yabesilisa e-Birmingham.