Umshayisibhakela wakuleli nethemba lokuwina kweyangoMgqibelo

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umshayisibhakela wakuleli uHekkie Budler uyazi ukuthi akumele enze iphutha uma esebhekene nembangi yakhe yase-Philippines u-Enrique Magsalin, ngoMgqibelo eGoli.

“Ngiyilungele le mpi,” kusho uBudler ngaphambi kokuzilingiselela impi  noMagsalin osewine amahlandla ayisishiyagalombili, wahlulwa kane waphinde wadlala ngokulingana kabili ngaphansi kwebhande lakhe.

“Ngisebenze kanzima ngasese nomqeqeshi wami uCollin Nathan,” kwengeza lo mshayisibhakela (34). “Inhloso yami ukuwina lesi sicoco se-WBC ungakapheli lo nyaka. Lelo iphupho lami elikhulu.”

Isipiliyoni sikaBudler eringini oseke waphatha ibhande le-IBO, i-IBF, i-WBA kanye nele-Ring Magazine sizombeka ethubeni elihle. Njengamanje ubekwe  kwinombolo yokuqala ku-WBC.

UBudler usebheke isicoco se-WBC nese-WBO okusamele aziwine.

Uzobhekana nompetha we-WBC ne-WBA junior flyweight uKenshiro Teraj ezweni lakubo e-Japan ngoNcwaba kulo nyaka.

Le mpi yangoMgqibelo egqugquzelwa i-Boxing 5 Promotions izoba e-Unisa Conference Hall eGoli. UDeejay Kriel, uSikho Nqothole, uSmangele “Smash” Hadebe kanye noHedda “The Shredder” Wolmarans bazobe bekhona.

Amathikithi aqala ku-R350 ezihlalweni ezijwayelekile, u-R500 eduze kweringi, u-R10 000 no-R15 000 ematafuleni ayishumi anokudla neziphuzo.

Esithombeni esingenhla: UHekkie Budler

Umthombo wesithombe: WBA

Izihloko zakamuva