Lubhalwe nguLinda Ximba
Umshayisibhakela wakuleli uNozipho Bell unikezwe izinyanga ezintathu ukuthi avikele ibhande lakhe le-International Boxing Federation (IBF) Intercontinental junior-lightweight noma uzophucwa isicoco.
Lo mshayisibhakela owazalelwa e-Gqeberha usazosivikela isicoco sakhe kwazise usithole ngemuva kokuhlula uMatshidiso Mokebisi wase-Free State e-Nangoza Jebe Hall e-New Brighton, e-Gqeberha nyakenye.
Umqeqeshi kaBell uColleen McAusland utshele i-Scrolla.Africa ukuthi i-IBF yaseMelika ibabhalele incwadi ibanxusa ukuthi baqinisekise izimbangi zabo.
“Sisanda kuthola incwadi evela kwi-IBF ethi kumele avikele isicoco ezinyangeni ezintathu. Angizange ngimtshele ngencwadi ngoba ngingafuni ukuphazamisa amalungiselelo akhe empi yangeSonto,” kusho uMcAusland.
UBell uhlelelwe ukuvikela isicoco sakhe se-South African female junior-lightweight ebhekene noMashudu Ramakwelo wase-Thohoyandou, e-Limpopo, ehholo i-Babs Madlakane KwaNobuhle, e-Gqeberha.
Yize umpetha ovikelayo ezobe ejabulela ithuba lokuqhudelana ekhaya, uthe ngeke ayithathe kalula imbangi yakhe.
“Njengoba iphupho lakhe kuwukuba umpetha wakuleli, lokhu kusho ukuthi kuzomele nginyuse umdlalo wami ngeSonto,” kusho uBell.
UBell uzishaya isifuba ngerekhodi lokulwa elingcono kunoRamakwelo, usewine amahlandla amane wahlulwa kathathu emqhudelwaneni eziyisikhombisa.
Ngakolunye uhlangothi, uBell oke wabamba isicoco se-World Boxing Federation (WBF), useke walwa ngaphandle kwakuleli wazuza nesipiliyoni.
Walahlekelwe ibhande le-International Boxing Organisation (IBO) ngesikhathi ehlulwa uTerri Harper eMelika ngo-2019 futhi uzishaya isifuba ngokuwina amahlandla angu-15 nokuhlulwa kathathu.
Esithombeni esingenhla: UNozipho Bell
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe