Umshayisibhakela uzimisele ukunqoba isicoco seWBC

Lubhalwe nguLinda Ximba

ULudumo “9mm” Lamati uzilungiselela impi enzima noNick Ball ongumpetha we-WBC silver featherweight e-SSE Arena e-Belfast ezoba ngoMgqibelo.

ULamati, owake waba ngumpetha we-SA ne-IBO junior featherweight akasinisi mahleza uma eseseringini.

Ukunqoba isitha sakhe esinamandla kuzonikeza uLamati inhlonipho nodumo kwinhlangano ezinze e-Mexico.

Yize eseke walwa kabili esigabeni se-featherweight, lo mshayisibhakela wase-Eastern Cape akakayitholi indondo ye-WBC.

Kodwa-ke, akakadikibali futhi uzimisele ngokuqopha umlando eringini kumazwe ngamazwe.

Njengamanje uhlezi endaweni yesine kanti uBall uyinselelo enkulu kulich okufiswa uLamati. Ozonqoba kulaba bobabili uzobhekana nompetha obusayo, uRay Vargas wase-Mexico.

Ekhuluma esekhempini yakhe yokuqeqesha, uLamati oneminyaka engu-31 ubudala wanelisekile ngokuzilungiselela kwakhe futhi ufunge wagomela ukuthi angeke avumele muntu ukuthi angabaze amandla akhe eringini. 

Amalungiselelo ahambe kahle umqeqeshi wami uPhumzile Matyila ungiphushele lapho okumele ngibe khona.”

“Leli yithuba elihle kumina lokulwela isicoco somhlaba futhi ngiyala ukulivumela ukuthi liphunyuke ezandleni zami.”

Bobabili uLamati kanye noBall oneminyaka engu-26 ubudala bayaziqhenya ngamarekhodi abo amahle. UBall usenqobe amahlandla angu-17, washawa amahlandla ayishumi kanti uLamati yena uzishaya isifuba ngerekhodi lokunqoba imidlalo engu-22 washawa amahlandla angu-11.

Le impi lapho khona kuzobe kubangwa isicoco se-IBF featherweight phakathi kompetha wase-Mexico uLuis Alberto Lopez noMichael Conlan.

Ohambweni lwakhe lwakamuva nje eThekwini ngoLwezi odlule, uLamati ukhombise amandla akhe ngokuvimba uMark Anthony Geraldo wase-Philippines emzuliswaneni wesine.

Esithombeni esingenhla: uLudumo Lamati uzilungiselela impi yakhe enzima njengoba  ezobhekana nompetha we-WBC silver featherweight uNick Ball

Izihloko zakamuva