UMshayisibhakela uyeka ukusebenza ngenxa yokuphathwa kabi

Linda Ximba

Bekulindeleke izinto ezinkulu kuSithembiso Maduna ngesikhathi ethatha isicoco se-lightweight se-African Boxing Union (i-ABU) NgoNhlolanja kulo nyaka.

Lo mshayisibhakela onekhono waseMnambithi KwaZulu-Natali e-Midlands wenze ezibukwayo futhi washiya uJeff Magagane emangele eThekwini.

Ngokunqoba isicoco se-ABU, uMaduna wazibeka ethubeni lokuqokwa esicongweni esihlonishwayo se-World Boxing Council (i-WBC). Isigungu esigunyaza umthetho sase-Mexico esiphakathi kwezigungu ezine ezihamba phambili, kubandakanya i-WBA, i-BF kanye ne-WBO.

I-WBC inobudlelwano obusondelene bokusebenzisana ne-ABU, njengoba ompetha babo bebalwa phambili yigatsha elihlonishwayo eligunyaza umthetho.

Ngemuva kokuwina NgoNhlolanja, uMaduna waxabana nophromotha uZandile Malinga kubangwa imali yakhe ayekhoukhelwe yona.

UMaduna uthi wakhokhelwa kancane nguphromotha wase-KZN, wathi ufanele ukukhokhelwa kangcono. “Sengiqedile ngesibhakela. Bengimethemba uMama Malinga ngenhliziyo yami yonke. Kodwa ekugcineni, ngenziwa ukuthi ngilwe kanzima ngilwela amakinati.,”

“Ngihlukene naye nginethemba lokujoyina enye inkampani kodwa izinto zihamba ngejubane lomnenke. Ngahlala phansi nomndeni wami ngabona kungcono ukuthi ngithole umsebenzi ngaphandle kwesibhakela. Ngikule nkampani e-Newcastle futhi konke kuhamba kahle kuze kube manje,” kusho uMaduna.

UMalinga uziphikisile izinsolo zokuthi wakhokhela umshayisibhakela osewathatha umhlalaphansi amakinati. “Lokho akulungile. USthembiso ngangimthatha njengendodana yami. Ngiyamyeka ngoba uthe usethole amadlelo aluhlaza”.

Ezimpini eziyi-11, uMaduna wehlulwa kanye.

Umshayisibhakela osethathe umhlalaphansi uThulani “Sugarboy ” Malinga, owaba ngumshayisibhakela wokuqala waseNingizimu Afrika ukunqoba isicoco se-WBC, uzwakalise ukushaqeka ngesinqumo sikaMaduna sokushiya isibhakela.

UMalinga uthe ufisa sengathi uMaduna angashintsha umqondo athole ukwesekwa kubagqugquzeli bendawo.

Izihloko zakamuva