Lubhalwe nguLinda Ximba
Lowo owake wabanga isicoco somhlaba uThabiso “The Rock” Mchunu usethuse abantu abaningi abashaya isibhakela kuleli ngokumemezela ukuthi uzothatha umhlalaphansi ngonyaka ozayo.
UMchunu oneminyaka engu-34 usabhekwa abantu abaningi njengomuntu onganqobela elakuleli isicoco somhlaba.
Lo mdlali odabuka e-Cato Ridge eThekwini, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi yize ehlulekile ukuthatha isicoco ebesibhekwe ngabomvu wenelisekile ngalokho asekuzuzile kuze kube manje.
“Ngesikhathi ngiqala isibhakela eminyakeni engu-17 edlule ngazibekela imigomo. Eminye yawo bekuwukunqobela elakuleli izicoco zomhlaba. Ngicabanga ukuthi ngiphumelele ngoba nginqobe izicoco ze-SA, ese-Pan African, ese-African Boxing Union ne-WBC silver.”
“Ngaba ngumshayisibhakela wokuqala wakuleli ukunqoba isicoco se-North American Boxing Foundation ngo-2014 ngesikhathi ngibhekene no-Olanrewaju Durodola owayesatshwa eMelika.
“Izimpi zaphesheya engazithola zazingenza ngiye ebhange ngimamatheka.
EMelika bakhokha ngamadola ngaleyo mali ngizitholele ikusasa elihle. Nginomuzi, nginonkosikazi nokunye engikwenzayo eceleni,” kusho uMchunu.
UMchunu ucishe waletha udumo kuye nasesizweni kabili ngesikhathi ehlangana nompetha we-WBC cruiserweight u-Ilunga “Junior” Makabu.
Egila izimanga kowokuqeda isicoco eThekwini ngo-2015 uMchunu wakhishwa ngomzuliswano ka-11.
Ngesikhathi behlangana ekuqaleni kwalo nyaka eMelika nomgadli wase-DR Congo, wamhlwitha ibhande ngesinqumo samaphuzu ngazwilinye.
Uthe akasafuni ukuhlala kulo mdlalo ukuze agweme isibhakela.
Njengamanje ubekwe endaweni yesine ezilinganisweni ze-WBC. Uthe ukube bekungeyona impi ephakathi kwe-Russia ne-Ukraine ubezoyithola impi ungakapheli lo nyaka.
“Bengiqonde ukulwa nembangi yase-Poland engizobanga nayo isicoco se-WBC Silver,” kusho uMchunu.
UMchunu uthole izimpi ezisezingeni eliphezulu emsebenzini wakhe weminyaka engu-18 okuhlanganisa nokulwa no-Oleksandr Usyk osatshwayo wase-Ukraine ongumpetha womhlaba endaweni ezimbili oseke waphatha ibhande le-WBA (Super), i-IBF, WBO ne-IBO heavyweight kusukela nyakenye.
UMchunu washaywa ngu-Usyk elwela isicoco se-WBO Cruiserweight ngo-2016.
Osesithombeni esingenhla nguThabiso Mchunu
Umthombo wesithombe: RingTV and Timeslive