Linda Ximba
Umshayisibhakela wakuleli uRonald “King” Malindi usefuna ukuba ngusomatekisi.
Lo mshayisibhakela uzimisele ngokuzitholela elakhe itekisi maduze, kodwa lokho kuzokwenzeka uma ekwazile ukuvikela isicoco sakhe sakuleli kuRofhiwa Nemushungwa e-Steve Tshwete Memorial Banquet Hall e-Middelburg, e-Mpumalanga ngoLwesihlanu ebusuku.
“Sengibeke imali isikhathi eside.
Ukunqoba kwami uNemushungwa kuzokwengeza emalini enginayo. Uma kwenzeka ngizithola kumele ngivikele esinye isicoco ngaphambi kukaZibandlela ngizoya ebhange ngiyoboleka imali. Sengifuna ukuziphatha manje,” kusho lo mshayisibhakela.
Sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili umshayisibhakela we-bantamweight wase-Venda, e-Limpopo echitha isikhathi sakhe emgwaqeni eshayelela abagibeli edolobheni.
Uphenduke usomatekisi ngenxa yokuthi ophromotha abamfaki eringini ngendlela athanda ngayo.
Lo mshayisibhakela oneminyaka engu-26 ubudala uqeqeshwa e-Westbury eGoli eqeqeshwa uBernie Pailman kanti uphinde ashayele amatekisi aphuma erenki yase-Helen Joseph Hospital.
UMalindi obejabule utshele i-Scrolla.Africa ngesikhathi ephuma endaweni yakubo eyofuna amadlelo aluhlaza edolobheni legolide ukuthi ubengenalo ithuba lokukhetha ukuthi uzothatha muphi umsebenzi.
“Angiwuqedanga umatikuletsheni ngenxa yezinkinga zami. Bengibeka imali ngamatoho amancane engiwabambayo ngaze ngahamba ngayofuna umsebenzi eJozi,” kusho lo mshayisibhakela.
“Imali ebengiyithola ngisaqala isibhakela esikhokhelwayo nayo isizile. Ngathola izincwadi zokushayela ezisemthethweni futhi umngani wami wangisiza ngathola umsebenzi wokuba umshayeli wamatekisi.”
Uthe lo msebenzi umsizile njengoba ehola ngoLwesihlanu kanti leyo mali iyamsiza ukuthi akwazi ukuziphilisa efulethini aliqashile.
Lo mshayisibhakela uzobe evikela isicoco okwesine kanti akakaze ahlulwe cishe amahlandla angu-18. UNemushungwa unerekhodi lokunqoba amahlandla ayisikhombisa, wahlulwa kane wadlala ngokulingana emdlalweni owodwa.