Umshayisibhakela usathukile ngokushona kwembangi yakhe

Linda Ximba

Umshayisibhakela wakuleli uSiphesihle Mntungwa uzohlala phansi nomndeni wakhe ukuze bathathe isinqumo ukuthi kufanele yini aqhubeke nesibhakela noma asiyeke.

USimiso Buthelezi umshayisibhakela wokugcina uSiphesihle alwe naye bebanga ibhande le-WBF All Africa Lightweight ushone ngenxa yokulimala ebuchosheni.

Inhlangano eyengamele isibhakela kuleli i-BSA ikuqinisekisile ukuthi uButhelezi wophele ngaphakathi okuholele ekutheni ashone ngoLwesithathu ntambama.

Kukhona okunye okwenzeke emzuliswaneni wokugcina wempi yabo ngeSonto ngesikhathi uButhelezi efulathela uMtungwa washaya amanqindi emoyeni okuphoqe unompempe ukuthi angenelele amise umdlalo.

UMntungwa utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uvele wangazizwa kahle ngesikhathi ethola ngokushona kukaButhelezi.

“Benginethemba lokuthi uzolulama ngoba bengilokhu ngixhumana nephromotha,” kusho uMntungwa.

UMntungwa osanda kushada futhi onendodana encane uthe uzoba nomhlangano nomndeni wakhe ukuze anqume ngekusasa lakhe kulo mdlalo.

Ebiza uButhelezi ngesithakazelo sakubo esithi Shenge uthe uthandazela ukuthi uButhelezi angashoni ngenxa yezandla zakhe.

“Ukushona kwakhe angikakakwamukeli futhi okwamanje angazi noma ngisazimisele yini ukuqhubeka nokuba umshayi wesibhakela,” kusho uMtungwa.

“Ngiqashwe inkampani yangakithi e-Cato Ridge ngaseMgungundlovu.”

Imizamo ye-Scrolla.Africa yokukhuluma nomndeni kaButhelezi ayiphumelelanga.

Umqeqeshi womshayisibhakela ongasekho uSkeleton Mngomezulu uthe umndeni uthwele kanzima futhi kusenzima nokwamukela.

“Abazali bakhe aqale nabo ukwakha umuzi ohloniphekile esigodini saseDumbe bashaqekile.”

“USimiso ubesanda kuphothula izifundo zakhe futhi bekunenhlansi yethemba lokuthi abakwaButhelezi sebezophila impilo engcono.”

Umshayisibhakela owayedumile kuleli uBrian Baronet washona ngenxa yokulimala kwengqondo ngonyaka ka-1998 ngemuva kokulwa nomshayisibhakela waseMelika uKenny Vice ngo-1998.

Izihloko zakamuva