Umshayisibhakela uphawula ngeyase-Russia ne-Ukraine

Dylan Bettencourt

U-Anthony Joshua usethole ukugxekwa ngenkulumo yakhe engajwayelekile ngemuva kokuhlulwa empini yesicoco somhlaba ku-Oleksander Usyk – kodwa okunye akushilo bekuncomeka.

Lo mshayisibhakela wase-Britain usho izinto eziyihlazo ngesikhathi ethatha umbhobho ngolaka ngemuva kokuhlulwa ngoMgqibelo, kodwa waveza iphuzu elilodwa okungenzeka ukuthi libalulekile.

UJoshua uveze ukuthi bonke ompetha bomhlaba abane abakhulu base-Ukraine babambe izicoco zabo ngesikhathi izwe libhekene nezinxushunxushu.

“Bengifunda i-Ukraine nabo bonke ompetha abavela ezweni lakho elimangalisayo. Angikaze ngiye khona, kodwa ngesikhathi esifanayo okwenzeka khona akumnandi,” kusho uJoshua.

“Ngikubone lokhu ngoVasily Lomachenko empini yesibili no-Orlando Salido kwaba ngesikhathi sezinxushunxushu e-Ukraine. 

UVitali Klitschko ngesikhathi ebhekene noDanny Williams bekungaphansi kwalezi zimo kanti no-Usyk ukwazile ukuba ngumpetha kusona isimo esinzima.”

Omdala kuzelamani zakwaKlitschko uVitali wehlula uWilliams ngo-2004 ukuze avikele isicoco sakhe ngesikhathi se-Orange Revolution isenzeka ekhaya.

Imibhikisho yenzeka esikhathini esiyizinyanga ezintathu kusukela ngoLwezi ngo-2004 kwaze kwaba nguMasingana wonyaka olandelayo kanti yaqubuka kulandela ukhetho lukaMengameli.

Izakhamuzi ezithukuthele zabona ukuthi ukhetho lonakaliswe inkohlakalo enkulu, ukusatshiswa kwabavoti kanye nokukhwabanisa okhethweni.

Ngemuva kweminyaka eyishumi, uWladimir Klitschko noLomachenko baba ngompetha bomhlaba phakathi nempi yase-Russia ne-Ukraine kubangwa i-Crimea.

NgoNhlolanja ngonyaka ka-2014 i-Russia yahlasela yabe isithatha indawo yase-Crimea isuka e-Ukraine. Ibilokhu ingaphansi kombuso wase-Russia kusukela ngaleso sikhathi.

Lokhu kuhlasela kwenzeka ngemuva kwezinguquko futhi kuyingxenye yempi yase-Russia ne-Ukraine ebanzi ngesikhathi kukhishwa khona uMengameli uViktor Yanukovych wase-Ukraine.

Eminyakeni eyisishiyagalombili kamuva u-Usyk waba ngumpetha we-heavyweight e-London ngemuva kokuhlula uJoshua ngoMandulo odlule.

Nakuba engazange awine amabhande phakathi nomzabalazo wase-Ukraine uliwinile ngoMgqibelo ebusuku naphezu kokujoyina amasosha ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

U-Usyk ozwakalise ngokusobala ukuthi lokhu kunqoba kusho ukuthini ezweni lakhe elahlaselwa i-Russia ngoNhlolanja.

Ezinyangeni eziyisithupha kamuva futhi impi phakathi kwe-Russia ne-Ukraine isalokhu iyinhlekelele futhi ayinaso isiphetho esicacile ngesikhathi esizayo.

Ngaphambi kokuphonsa amabhande amabili ka-Usyk eringini ngenxa yokukhungatheka uJoshua uphakamise ifulegi lase-Ukraine kanye nompetha. 

Makukhunjulwe ukulwa ngenxa yaleso senzo hhayi ngomsindo wempi yase-Britain. 

Umthombo wesithombe:@SouthChinaMorningPost

Izihloko zakamuva