Lubhalwe nguLinda Ximba
Useyahluleka ukulinda umpetha kazwelonke we-junior featherweight uBongani “Wonderboy” Mahlangu njengoba elindele ukuthola ibhande le-IBF All Africa.
I-Rumble Africa Promotions (RAP) ayikamnikezi lo mpetha ibhande aliwine ngemuva kokuhlula u-Ayabonga Sonjica e-Orient Theatre e-Eastern Cape ngoNtulikazi nyakenye.
Ngokukhipha umdlandla wokugcina emzuliswaneni wesithupha uMahlangu uphinde wemuka nesicoco sakuleli ebesingenamuntu.
Kodwa kuze kube imanje lo mshayisibhakela osemnkantshubomvu wase-Boipatong, e-Gauteng akakalitholi ibhande le-IBF.
“Abantu base-Rumble Africa badlala ngami, njalo mengibuza ngebhande lami abanginiki impendulo engiyidingayo.
“Kwesinye isikhathi abazihluphi nokuphendula imiyalezo yami ku-Whatsapp. Empeleni bekumele banginike lona ngokushesha ngemuva kwempi, kodwa abazange. Ngicabanga ukuthi abanginikanga lona ngamabomu ngoba ngimoshe izinhlelo zabo ezinkulu ngendodana yabo uSonjica,” kusho uMahlangu ku-Scrolla.Africa.
Lo mpetha oneminyaka engu-42 ubudala ucele u-Andre de Vriesb omele i-IBF e-Afrika ukuthi angenelele, kodwa namanje usahluleka ukulithola ibhande.
Umphathi we-Rumble Africa Promotions, uTeris Ntutu uthe ubengazi ukuthi uMahlangu ibhande ubengingakalitholi. “Ngizophenya bese ngithinta abaphathi bakhe.”
UMahlangu useke waphatha ibhande le-WBA Pan African ne-Intercontinental bantamweight, i-SA, i-WBO International ne-IBF International junior featherweight.
UWonderboy wamela elakuleli kuma-Olympics ngo-2004 esigabeni se-lightweight waphinde wazuza indondo yesiliva kuma-All-Africa Games e-Abuja, e-Nigeria ngo-2005.
Osesithombeni esingenhla: UBongani Mahlangu
Umthombo wesithombe: Sowetan