“Umshayisibhakela” uManny Pacquiao uzobanga isikhundla sobuMengameli

Dylan Bettencourt

Umshayisibhakela wodumo uManny Pacquiao ukuqinisekisile ukuthi uzongenela ukhetho lokuba nguMengameli ngonyaka ozayo ukukhipha uMengameli wamanje uRodrigo Duterte.

“Ngiyakwamukela ukuphakanyiswa kwami ukuba ngingenele ukhetho lokuba nguMengameli we-Republic of the Philippines,” kusho lo wesilisa oneminyaka engama-42 ngesikhathi somhlangano kazwelonke.

“Ngingumuntu olwayo. Ngizohlezi ngilwa njalo ngaphakathi nangaphandle kweringi”.

UPacquiao, okunguyena kuphela umshayisibhakela owanqoba isicoco somhlaba ezigabeni eziyisishiyagalombili ezihlukene, ukwamukele ukuqokwa kwakhe ukuthi abe ngumholi weqembu eliphikisayo i-PDP-Laban.

Inhloso yowayengumpetha womhlaba ukususa uMengameli wamanje uDuterte esikhundleni, emsola ngenkohlakalo nokuthi “usondelene kakhulu” ne-China.

UPacquiao, owake wasondelana kakhulu noMengameli wamanje, uthe imali engaphezu kwezigidigidi ezimbili zamarandi okwakumele isize imindeni enhlwempu ayaziwa, okusho ukuthi abaphathi abakhona bayiphethe budedengu imali.

NgoNtulikazi lo mshayisibhakela ongumakadebona ukhishwe njengomholi weqembu le-PDP-Laban ngemuva kokuthi ephonsele inselelo imigomo kaMengameli wamanje. Ukususwa nokho kwaphikiswa iqembu lakhe.

Inhloso kaPacquiao yokukhipha izikhulu zikahulumeni ezikhohlakele iyaqhubeka njengoba i-Senate ivule uphenyo mayelana nokusolwa  kwemishini yezokwelapha nempahla ethengwe ngemali ephezulu nguhulumeni okhona.

Ngesikhathi lo mshayisibhakela exwayiswa ukuthi angavalelwa ejele ngezenzo zakhe, uphendule ngelokudelela wathi “Isikhathi sakho sesiphelile”.

Umthombo wesithombe: @Rappler

Izihloko zakamuva