Umshayisibhakela uhambe nesamba semali ngaphandle kokulwa 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umshayisibhakela wakuleli odume kakhulu uHekkie Budler uzobe emamatheka indlela yonke ebheke ebhange ngemuva kokuthola imali eningi ngaphandle kokujuluka.

Lo mshayisibhakela ozinze eGoli wamukele isicelo sokuhoxa empini sikaphromotha wase-Asia uHonda Teiken.

Lokhu kusho ukuthi umshayisibhakela wase-Japan we-WBC junior-flyweight, uKenshiro Teraji uzobhekana nompetha we-WBO uJonathan “Bomba” Gonzales wase-Puerto Rico.

Bazoqhudelana empini ezobe ingoMbasa endaweni esazoqinisekiswa.

Umqeqeshi ophinde abe umphathi kaBudler, uCollin Nathan utshele i-Scrolla.Africa ukuthi isicelo esihle kakhulu ebebengeke bekwazi ukusinqaba.

“Esinye sezizathu ezenze ukuthi uphromotha kaTeraji afune lempi ukuthi kukhona amabhande e-WBA nawe-Ring Magazine azobangwa.”

“Kodwa ngaphambi kokuthi sivume ukuthatha lesi sicelo sengeze isigatshana esithi ozowina phakathi kukaTeraji noGonzales kuzomele abhekane noBudler. Ngasohlangothini lwethu kuyibhizinisi elihle,” kusho uNathan.

UBudler bekulindeleke ukulwela isicoco se-WBC ngemuva kwempi emangalisayo ngesikhathi ehlula u-Elwin Soto wase-Mexico  wawina isicoco ngoNhlangulana nyakenye.

Lokho kwaba ukubuya okukhulu njengoba ababemphikisa babecabanga ukuthi uzohlulwa. Wanikela ngebhande lakhe le-WBA junior flyweight ngokuphonsa ithawula emzuliswaneni weshumi ebhekene noHiroto Kyoguchi wase-Japan ngo-2018.

UBudler ube ngumshayisbhakela wokuqala wakuleli eminyakeni engu-68 ukuphakamisa ibhande le-Ring Magazine ngemuva kokuwina amabhande amabili ele-IBF kanye nele-WBA.

Abashayisibhakela abaningi emhlabeni jikelele bathole imali eningi ngokushiya eceleni uma besezikhundleni eziphoqelekile zokuthi baphonsele ompetha inselelo.

Muva nje uphromotha waseMelika ongundabamlonyeni uDon King wazama ukuheha uThabiso Mchunu wakuleli ukuthi amukele isicelo somshayisibhakela wase-Mexico osewine izicoco eziningi uSaul Canelo Alvarez sokuthi aphonsele inselelo umpetha we-WBC Cruiserweight u-Ilunga Makabu.

UMchunu wasenqaba lesi sicelo nokwafeza izifiso zika-Alvarez zokuthi engeze ezinye izicoco eqoqweni lakhe.

Esithombeni esingenhla: UHekkie Budler

Umthombo wesithombe: Ring Africa

Izihloko zakamuva