Lubhalwe nguLinda Ximba
Umpetha wakuleli we-junior featherweight uBongani Mahlangu uthole umfutho owamukelekayo ngaphambi kokuvikela isicoco sakhe ebhekene noMduduzi Mzimela esikhathini esingamasonto amabili.
UMahlangu (42) ugcine elitholile ibhande lakhe le-International Boxing Federation (IBF) All Africa aliwina ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.
Uthole leli bhande ngemuva kokuhlula u-Ayabonga Sonjica emzuliswaneni wesithupha e-Orient Theatre e-East London ngoNtulikazi odlule.
Ngemuva kwalokho wabekezelela ubuhlungu bokubizwa ngompetha ebe engenayo into ebambekayo.
I-Rumble Africa Promotions okuyiyona eyayihlela impi kaSonjica ibilokhu imyisa le nale njalo uma ebuza ngebhande lakhe.
Kuthathe ukungenelela komele i-IBF e-Afrika, u-Andre de Vries ukuthi lo umpetha anikwe ibhande lakhe eGoli ngoLwesibili.
UMahlangu obejabule wabelane ngalezi zindaba ne-Scrolla.Africa.
“Ngiyajabula ukuthi ekugcineni bukhona ubulungiswa, ngiwukhombisile umndeni wami ibhande futhi ujabule. Lokhu kunyuse umoya wami njengoba ngilungiselela ukuvikela isicoco sami eThekwini,” kusho uMahlangu.
Uqhathwe noMduduzi Mzimela wase-Richards Bay, KwaZulu-Natal. Impi izoba e-International Convention Centre e-Richards Bay ngomhlaka-25 kuNhlolanja.
UMzimela ongakaze ahlulwe ubekwe endaweni yokuqala kubashayisibhakela bakuleli futhi uphethe isicoco seseKZN. Wawina ngamaphuzu ebhekene noSanele Maduna eThekwini.
Esithombeni esingenhla: UBongani Mahlangu nebhande lakhe
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe