Umshayisibhakela ubuyela eringini

Linda Ximba

Ezinyangeni ezintathu ezedlule isibhakela sakuleli saba sematheni emhlabeni ngemuva kokuquleka kukaSimiso Buthelezi eringini washona ezinsukwini ezimbili.

Ebanga ibhande le-WBF lightweight noSiphesihle Mntungwa, uButhelezi wayebonakala esethubeni lokuyinqoba le mpi. Kodwa okuxakayo ngomzuliswano wokugcina uButhelezi wafulathela uMntungwa wasondela ekhoneni waphonsa izibhakela emoyeni.

Kwangena unompempe wawumisa umdlalo kwawina uMntungwa. Ngemuva kokuquleka uButhelezi waphuthunyiswa esibhedlela lapho amakhona kwi-coma.

NgoMgqibelo uMntungwa uqunge isibindi wabuyela kuyona le ndawo.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa kumqhudelwano iSiyathemba Boxing Promotions uMntungwa uthe ubone abantu bemubuka ngendlela ehlukile ngesikhathi engena.

“Kudingeke ukwelulekwa ngochwepheshe kanye nokwesekwa umndeni oqinile ukuthi ngikwazi ukuba nesibindi sokungazitheli ngabandayo futhi lapha.

“Isigameko sokushona kwakhe singikhandle emoyeni, kodwa ngiya ngokuya ngamukela. Ukuba kule ndawo kuyakubuyisa lokho okwenzeka, kodwa ngizitshele ukuthi impilo kumele iqhubeke,” kusho lo mshayisibhakela oneminyaka engu-25.

Uveze ukuthi nakuba engeke akwazi ukuya emngcwabeni kaButhelezi njengoba esabela ukuphepha kwakhe, wanikela ngebhande le-WBF njengophawu lokuhlonipha abangasekho.

UMntungwa unxuse abagqugquzeli bezimpi ukuthi bamnikeze izimpi eziningi ngoba ethi “isibhakela siyimpilo yakhe futhi sibeka ukudla etafuleni lomndeni wakhe.”

Izihloko zakamuva