Linda Ximba
Umshayisibhakela wakuleli uSimiso Buthelezi, ubekwe endaweni yakhe yokugcina esigodini sangakubo eBilanyoni, eDumbe enyakatho yeKwaZulu-Natal ngeSonto.
Bekukhona abantu abaningi, okuhlanganisa nezakhamizi zendawo, abangani bakhe basebunganeni, izicukuthwane zezemidlalo kanye nosopolitiki bebebuthene kulesi sigodi esithule bezomhlonipha okokugcina.
Ukushona kukaButhulezi kuhehe abezindaba bamazwe ngamazwe, njengoba edlule ezinsukwini ezintathu ngemuva kokuthi aphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kwempi yakhe ye-WBF All Africa lightweight ebhekene noSiphesihle Mntungwa mhla zinhlanu kuNhlangulana. Ushone ngenxa yokopha kakhulu ebuchosheni.
Umalume wakhe, uMzikayifani Mthembu uthe balahlekelwe ngumuntu obezilungiselela ukondla umndeni wakhe.
“Kusukela esemncane ukhombise izimpawu zokuthi ufuna ukuphumelela empilweni. Ubekwezemidlalo futhi efunda ngesikhathi esisodwa yingakho esanda kuthweswa iziqu. Kuzothatha isikhathi eside ukuthi umndeni uthole ukuthula.”
IMeya yase-Zululand uMfundisi Thulasizwe Buthelezi uthe uSimiso Buthelezi ubeyisibonelo esihle entsheni yakule ndawo.
“Uphuma esigodini esimpofu kodwa ubekezelile walwela ukuthola iziqu zemfundo ngesikhathi eqhuba uthando lwakhe lwezemidlalo,” kusho imeya.
“NgoMandulo kuzoba nomqhudelwano wokumhlonipha ozobe uxhaswe i-Starline Promotions.”
UMengameli we-WBF uHoward Goldberg unikeze umndeni kaButhelezi ibhande lesibhakela.
“Ibhande elokuhlonipha ubuqhawe bakhe kanye nokuhlonipha impilo yakhe. Uhambile kodwa angeke simkhohlwe,” kusho uGoldberg.