Dylan Bettencourt
Kwimiphumela yesibhakela , kuhlulwe umshayisibhakela wase-Italy uMichele Broili ngesikhathi womathathu amajaji evuna imbangi yakhe empini yesicoco e-Italy.
Umdlalo wesibhakela uvuse impikiswano enkulu, njengoba omunye wabancintisanayo enemidwebo eminingana yama-neo Nazi. Ubelwa noHassan Nourdine bebanga isicoco se-super-featherweight.
Ababukeli bebethukile ngenkathi bebona imidwebo yamaNtaliyane ekhombisa izimpawu eziningana zama-Nazi nezama-Fascist.
Kuqalwe uphenyo lokuthi lo mshayisibhakela oneminyaka engama-28 uvunyelwe kanjani ukuba yingxenye ye-Italian Boxing Federation (i-FPI) enemidwebo ephula umthetho wase-Italy.
Ekhuluma ngemuva kokunqoba kwakhe, uNourdine owazalelwa e-Morocco, uthe: “Ngesikhathi ngingena eringini futhi ngibona leyo midwebo, ngishaqekile. Ngiyibona ingamanyala. Asikho isizathu sokuvikela lokho”.
Umdlalo ubusakazwa bukhoma kwiwebhusayithi ye-Gazzetta dello Sport, nokuyindawo enkulu yezemidlalo e-Italy. Ababukeli babo babuke bethukuthele ngenkathi bebona imidwebo yomshayisibhakela efaka inombolo yama-88, okuyikhodi yokuphakanyiswa kwabantu bakaHeil Hitler.
UBroili ubuye wasebenzisa isihloniphiso sama-fascist ekhoneni lakhe ngaphambi kokuba kuqale umdlalo.
I-FPI ikhiphe isitatimende esifushane esikhomba ukuthi izohambisa lesi sigameko kwinhlangano yezobulungiswa kwezemidlalo, kodwa ayizange inikeze ncazelo yokuthi lo mshayisibhakela uvunyelwe kanjani ukuncintisana emidlalweni eyi-16 yobungcweti ngaphambi kwalo mdlalo wakamuva.
Iziphathimandla zase-Italy ziphenya leli cala njengoba umthetho wendawo usho ukuthi noma yikuphi ukuvuselelwa kwezepolitiki noma ukusetshenziswa kwezimpawu zobu-Nazi kujeziswa ngeminyaka emibili ejele.
Umqeqeshi kaBroili, uDenis Conte utshele i-Ansa ukuthi: “UMichele ukhuluma ngezemidlalo kuphela. Uwuhlobo lomsubathi ovuka ngehora lesine ekuseni ukuze azilolonge”.
UNourdine uthe: “Ukuhlula umuntu onemidwebo kwenza ukunqoba kube mnandi kakhulu”.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian