Umshayisibhakela ethubeni elihle lokuzithuthukisa  

Lubhalwe nguLinda Ximba

UThomas “Tommy Gun” Oosthuizen usethubeni lokulwela isicoco nompetha we-World Boxing Council (WBC) cruiserweight uBadou Jack.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi u-Oosthuizen onekhono kodwa ophambukile ahlule uMusa “Hitman” Ntege wase-Uganda  ngomzuzwana  ka-63 emzuliswaneni wokuqala bebanga isicoco ebesingenamuntu se-African Boxing Union (ABU) cruiserweight e-Carousel Casino e-Hammanskraal, e-Tshwane ngeSonto.

Isibhakela esinamandla somshayisibhakela (34) siphume ngokushesha ngensimbi yokuvula impi saqonda ngqokuNtege omncane samshaya kathathu ngaphambi kokuthi unompempe uThabo Spampool emise impi.

Ompetha be-ABU balinganiswa i-WBC njengoba lezi zinhlangano ezimbili zisebenzisana.

UJack usanda kuqeda ukubusa kweminyaka emithathu kuka-Ilunga Makabu njengompetha we-WBC e-Saudi Arabia.

Uphromotha ka-Oosthuizen, uJanie Hebler utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uma eqhubeka nokwenza kahle uzozibeka ethubeni lokungena ohlwini lomhlaba.

Uma egcina elitholile ithuba bese eyawina uzolandela ezinyathelweni zabashayisibhakela ababili ababengompetha bomhlaba be-WBC super middleweight uThulani Malinga kanye noDingaan Thobela.

“Lena impumelelo enkulu kuThomas ngoba uma engavikela isicoco sakhe kathathu uzonyuka ohlwini,” kusho uHebr.

“Kwazi bani, umpetha we-WBC angase amkhethe ngokuzithandela. Kodwa uThomas uyazi ukuthi kumele aqhubeke nokusebenza kanzima ngoba kunzima esigabeni se-cruiserweight.”

Lowo owayengumpetha wakuleli nakwi-International Boxing Organisation super middleweight uthuthukise irekhodi lakhe wawina amahlandla angu-32, walwa ngokulingana kathathu, wahlulwa kabili.

Ukuwina kwakhe okuyisishiyagalolunye kwaba ngokwe-knockout.

Esithombeni esingenhla: UThomas Oosthuizen

Umthombo wesithombe: Tapology

Izihloko zakamuva