Umshayisibhakela angase amiswe iminyaka emine

Lubhalwe nguLinda Ximba

Abaphathi baZolani “Lastborn” Tete owayengumpetha wezwe ngokuwina ibhande le-WBO world bantamweight, babambe umoya njengoba belinde imiphumela yokuhlolwa kwezidakamizwa egazini lakhe.

Kuthiwa kwatholakala into engavumelekile kuTete eyenza ukuthi alwe kancono ngemuva kokuthi aveze umdlalo wakho owawuncomeka kanye nomzuliswano wesine lapho aqumba phansi uJason Cunningham ngomhlaka-2 kuNtulikazi endaweni yaseLondon, e-England.

Lo mshayi wesibhakela wase-Eastern Cape, wabe eseziwinela amabhande amathathu, ele-Commonwealth, ele-WBO international kanye ne-IBF international featherweight.

Umphathi wakhe uMlandeni Tengimfene ukuqinisekisile ukuthi basanda kuthola izincwadi ezivela kwiBhodi labashayi besibhakela eBritain mayelana nemiphumela “A” yesampula yokuhlolwa kwezidakamizwa kanti futhi kusazoba khona isampula “B” yokuhlolwa kwezidakamizwa egazini kuleli sonto.

UTengimfene akazange alisho igama lesidakamizwa esatholakala kade kuhlolwa umchamo waTete.

“Yasethusa imiphumela esayithola. Sisaxhumana nomgqugquzeli waseBritain uFrank Warren we-Queensbury Promotions omeseka kakhulu lomshayi wesibhakela,” kusho uTengimfene utshele i-Scrolla.Africa.

“Sihlele ukuthi siphinde sihambise enye isampula lingakapheli leli sonto futhi siyathemba ukuthi imiphumela izokuqinisekisa ukuthi asisenalutho”

Uma ngabe imiphumela yesampula “B” iveza ukuthi kukhona okukhona uTete angamiswa iminyaka emine.

Kodwa uma engaveza ukuthi naye akanalwazi lokuthi wazidla kanjani izidakamizwa, ingehliswa iminyaka yokumiswa kwakhe. Uma ngase kutholakale ukuthi wayezidlile izidakamizwa, umdlalo wakhe noCunningham uzoshitshwa ufane nongakaze ube khona.

UTete osanda kulaxaza ibhande lakhe le-Commonwealth ngoba abaphathi bakhe bemuhlanganisela umdlalo omkhulu, ungowethathu kwi-WBO kanti ungowesithupha kwi-IBF junior featherweight division. 

Osesithombeni esingehla: UZolani Tete

Umthombo wesithombe: sithunyelwe

Izihloko zakamuva