Umshayi wesibhakela uThabiso waseNingizimu Afrika unqabe isizumbulu semali ngenxa yokulangazelela impi ephakathi kwakhe noMakhamu

Linda Ximba

Umphetha wesibhakela we-WBC Silver cruiserweight, uThabiso “The Rock” Mchunu, unqabe isizumbulu semali yokuhlehlisa umdlalo ukuthi adedele isihlabani sase-Mexico uSaul Canelo Alvarez abhekane no-Ilunga “Junior” Makabu ongumpetha we-WBC cruiserweight.

Kube nokudideka nokukhathazeka ngesikhathi i-WBC imemezela ukuthi u-Alvarez ugunyaziwe ukubhekana noMakabu ngoNhlaba wonyaka ozayo.

Kuphinde kwaba nokungaqiniseki ngesikhathi ikhempu yase-Alvarez icashunwa kabanzi ezindabeni ezehlukene ukuthi ibixoxisana nabaphathi bakaMchunu ukuze ahoxe.

UMchunu nguyena ophoqelekile ukuthi angenele isicoco sikaMakabu ngenxa yokuthi ubekwe endaweni yokuqala yinhlangano ehlonishwayo yase-Mexico.

Ekhuluma ese-Russia lapho eziqeqesha khona kanzima, uMchunu uvele wayihleka imibiko yokuthi useyamukele imali eshisiwe ekhempini yase-Alvarez.

“Ngiyawazi amaqhinga alaba besilisa (u-Alvarez) futhi ngiyazi ukuthi ngingaba usozigidi ngobusuku nje uma ngamukela isicelo sabo. Kodwa ngeke nginyakaziswe noma ngigqugquzelwe ukunikezwa kwabo okunenzuzo eyizigidi zamadola.

“Inhliziyo yami nokugxila kwami kukuMakabu ngoba ngisifuna ngabomvu leso sicoco. Akumele ngikuchazele ukuthi kungani ngifuna isicoco se-WBC sikaMakabu,” kusho uMchunu.

Umsubathi waseNingizimu Afrika wengeze ngokuthi wajabula ngesikhathi umgqugquzeli ophezulu uDon King eqinisekisa usuku lwakhe noMakabu kanye nendawo.

“Kuqinisekisiwe. Sizohlangana mhla zingama-29 kuMasingana e-Ohio lapho kuhlala khona lo mgqugquzeli.”

U-Alvarez usemkhankasweni wokuba umpetha womhlaba we-five-weight kusuka ku-junior-middleweight kuya ku-light-heavyweight. Ungumpetha ongabangiswa muntu esigabeni se-super middleweight, oseke waphatha i-WBA Super, i-WBC, i-Ring Magazine, i-WBO ne-IBF.

UMchunu noMakabu bazobhekana bobabili njengoba kuzobe kungakhona okokuqala behlangana. Lo mpetha wahlule imbangi yakhe emqhudelwaneni we-WBC eThekwini ngonyaka wezi-2015.

Umthombo wesithombe: @BoxingScene

Izihloko zakamuva