Linda Ximba
Owayengumpetha kwi-world hervyweight u-Evander Holyfield owaziwa ngoThe Real Deal uzongena esikhundleni sika-Oscar De La Hoya ngempelasonto ezayo ezoqhudelana nowayengumpetha kwi-UFC uVitor Belfort.
Lokhu kuza ngemuva kokuba uDe La Hoya, ewine iziqu eziyi-10 kuma-weight division ayisithupha, waphuma ngemuva kokuphathwa i-Covid-19. Selokhu angena ngaleso sikhathi esibhedlela.
Lo oshaya isibhakela wase-Los Angeles bekuzoba nguye oneminyaka engama-48 emdlalweni wakhe wokuqala selokhu agcina ngonyaka wezi-2008.
Lo odumile wahlulwa umpetha wase-Philippines waphinde wahlulwa ongumpetha uManny Pacquiao.
Ushuthe ividiyo esesibhedlela, uDe La Hoya ngesikhathi ebonge abalandeli bakhe ngoxhaso abamnike lona njengoba esebenze kanzima ukuze abuye kanti uthe ulindele ukubuya eringini “ngaphambi kokuba kuphele lonyaka”.
Ngemuva kokubeka amagilavu uDe La Hoya uthembise ukuzimisela nokuhola iqembu labafana elibizwa nge-Golden Promotions abanethonamenti esezingeni eliphezulu.
Njengoba kubikwe ukuthi lo oshaya isibhakela oneminyaka engama-58 ugcine evumile ukungena alwe noBelfort, akukacaci ukuba le mpi yesibhakela izobanjelwa e-Los Angeles noma izosuswa iye e-Florida.
Into eyodwa esenza singabaze ukuthi uHolyfield uzokwazi yini ukugcina igama lesidlaliso sakhe elithi uThe Real Deal. Ukugcina kwakhe ukulwa kwakunyaka wezi-2014 ewina i-TKO ehlula uBrian Nielsen. Umshayi wesibhakela waseMelika ujoyina uhlu olude lwabantu abayeke ukulwa bathatha amathuba okulwa lawa akhokhela kakhulu kuphela.
Lo othandwayo osewayeka ukuba umshayi wesibhakela owayengumpetha uFloyd Mayweather owaduma ngelikaMoney usebonakale evuka ezithuntutha ebuyela eringini futhi ngemuva kokumemezela ukuthi useyakuyeka ukulwa.
Umthombo wesithombe: @GiveMeSport