Dylan Bettencourt
Umshayi wesibhakela u-Amir Khan uthi ukhishwe kwindiza yaseMelika “singekho isizathu” kulandela indlela abegqoke ngayo isifonyo esivikela ukutheleleka kwe-Covid-19.
Owayengumpetha ongumshayi wesibhakela ubegibele indiza eya e-New York ukuze ayoqala ukuqeqeshwa kwi-camp e-Colorado njengoba sekusondele umdlalo wokushaya isibhakela olandelayo.
Umshayi wesibhakela wase-British utshele abantu ngokwenzekile ngesikhathi eshutha ividiyo abeyifake ezinkundleni zokuxhumana.
Yena kanye nozakwabo bakhishiwe phakathi kwindiza ngemuva kokuba izifonyo zabo bezinganyukile ngokwanele uma esho yena.
U-Amor oneminyaka engama-34 uthe : “kucacile ukuthi ukukhalaza kwenziwe abasebenzi basezikhumulweni sezindiza zaseMelika, abathe isifonyo sikazakwethu besingahleli ngendlela efanelekile, waphinde wathi baze bamisa indiza ngemuva kwalokho basikhiphela ngaphandle mina nomngani wami, ekubeni mina angazi ukuthi bengenze kuphi okungalungile.”
UKhan akazange akufihle ukudinwa kwakhe abekubhekise kubasebenzi besikhumulo sezindiza zaseMelika, wathi indlela abaphathana ngayo iyanyanyisa futhi inokudelela”.
Uthe le nkampani yezindiza ayizange isebenzise amakhamera ukuze afakazele ukukhishwa kwabo kwindiza.
“Kumele ngabe kunamakhamera aveza mina noma uzakwethu ukuze kubonakale indlela ebesiziphethe ngayo engeyinhle noma kukhona esikwenzile okubafakela amehlo abantu ngesikhathi besikhuza,” kusho uKhan.
“Angikaze ngayibona yenzeka into enje ngaphambilini futhi ngiphuke inhliziyo.”
Inkampani yesikhumulo sezindiza zaseMelika ikhiphe isitatimende ichaza ukuthi indiza bekumele ibuyele esangweni ukuze ikhiphe amakhasimende ayo amabili ngoba abazange bayilalele imiyalo yezisebenzi ethi kumele babeke imithwalo, ukufaka umakhalekhukhwini kwi-flight mode baphinde bafake izifonyo ngendlela”.
Yize uKhan ethi inkampani yezindiza imvimbele ukuba athathe uhambo lwakhe, kodwa inkampani iqinisekisile ukuthi akekho oyedwa wabo ofakwe ohlwini lalabo abangavunyelwe ukuhamba noma ukuphazamiseka kwalaba abahamba bobabili.
UKhan, onomndeni odabuka e-Punjab esizweni sase-Pakistan, usebenzise isiqubulo esithi #NotAllTerrorist ku-Twitter wakhe, egcizelela ukuthi yena nozakwabo bakhishwe kwindiza ngenxa yobuhlanga.
Umthombo wesithombe: @TheMirror