Umshayeli wezindiza ulivumile icala ngeqhaza ayelibambile engozini yendiza eyabulala umdlali webhola

Dylan Bettencourt

Inkampani yezindiza ilivumile icala mayelana nokushona komdlali webhola u-Emiliano Sala ngoMasingana ngowezi-2019.

Lo mgadli wase-Argentina owayeneminyaka engama-28 ubudala washona engozini yendiza ngesikhathi ehambela e-Cardiff City esuka e-France, ngemuva nje kokusayina irekhodi ku-premier League.

Umshayeli wendiza, uDavid Ibbotson, okwakunguye kuphela owayekule ndiza, naye washona kule ngozi.

UDavid Henderson uthathe isibopho ngeqhaza lakhe ekushoneni kukaSala, evuma ukuthi wayengumphathi wendiza eyashayisa i-English Channel.

Evela eNkantolo yase-Cardiff Crown, lo mlisa oneminyaka engama-67 uvumile ukuthi indiza yandiza “ngaphandle kwemvume” evela ngaphandle kwaseBrithani.

Ukulalelwa kwecala okwenzeke ngoMfumfu ngowezi-2020 kuveze ukuthi u-Ibbotson wayengenayo imvume yokushayela indiza, njengoba ilayisense yakhe yokushayela indiza ejwayelekile yase iphelelwe isikhathi ngowezi-2018. Kuthiwa futhi le ndiza yayingabhalisiwe ukuthi isetshenziswa e-United Kingdom.

Abakwa-Air Accidents Investigations Branch bakhiphe umbiko othole ukuthi imbangela yengozi kungenzeka ukuthi kwakungenxa yokuthi umshayeli wendiza wayeshayela ngokushesha okukhulu ezama ukugwema isimo sezulu esibi, ngaphambi kokuhluleka ukuyilawula.

Uphenyo lwengeze nokuthi umshayeli wendiza akalutholanga uqeqesho lokushayela indiza ebusuku.

USala washiya umyalezo ku-voice note ye-WhatsApp emahoreni ambalwa ngaphambi kokuba ibhanoyi liphahlazeke, wathi kuyo “ibhanoyi ngathi liyawa liba izicucu”.

Umndeni kaSala uhole umkhankaso ozimele wokucinga isidumbu salo mdlali, esatholwa ngemuva kwenyanga kwenzeke ingozi. Isidumbu somshayeli wendiza kanye nezinsalela zendiza azikaze zitholwe.

Abasizi bejaji mayelana nokushona kukaSala bahlehlise icala kuze kube kuphela icala likaHenderson, kanti manje selihlelwe ukuqala ngoNhlolanja ngowezi-2022.

Umthombo wesithombe: @Euronews

Izihloko zakamuva