Umshayeli wetekisi ugwetshwe izinyanga eziyisithupha ejele ngokushayela enegciwane le-covid

Dalphine Tagwireyi

Ngesikhathi ethola ukuthi une-Covid-19 ngeledlule, umshayeli wetekisi uMthokozisi Zithuli uqhubekile nokuhambisa izingane zesikole kanye nabagibeli bendawo ngetekisi yakhe.

Ngesikhathi umphakathi wase-Bethal, eMpumalanga uzwa ngobudedengu bomshayeli kumngani wakhe, bambamba bamnikela emaphoyiseni mhla zi-1 kuNhlangulana.

Manje uzophoqeleka ukuthi agonqe yedwane futhi achithe izinyanga eziyisithupha ejele ngemuva kwalokho.

Enkantolo, uMthokozisi oneminyaka engama-22, uthe ubedinga imali yokwelashwa nokuthi uqinisekisile ukuthi ugqoke isifonyo futhi ubegwema ukuthintana nabagibeli bakhe.

“Bengicela umgibeli obehlala esihlalweni esingaphambili ukuthi afake imali yami egunjini lemali futhi bengihlala ngiyikhuculula nge-sanitiser ngemuva kokuqoqa imali. Bengidinga imali yokwelashwa neyokondla umndeni wami,” kusho yena.

“Njengoba kuyimina kuphela obondla ekhaya, angizange ngisidalule isimo sami kumqashi wami njengoba ubezongitshela ukuthi ngigonqe ngedwana bese ngibeka itekisi.”

Abazali batshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathuka ngesikhathi bezwa ukuthi uMthokozisi utholakale enegciwane, kodwa uyaqhubeka nokuthwala izingane zabo ukuya nazo esikoleni.

UReatabile Msimanga uthe ngesikhathi indodana yakhe efunda u-Grade R ikhombisa izimpawu zomkhuhlane waphetha ngokuthi ingenwe yileli gciwane.

“Ngaphuthumisa indodana yami e-Trichardt ukuyomhlola ngoLwesibili kanti izolo ngithole imiphumela yayo. Akanalo igciwane, okungukukhululeka okukhulu kodwa kuyangicasula ukuthi ufake izingane zethu engozini yokuthola i-corona,” kusho yena.

UMthokozisi ulivumile leli cala eNkantolo yeMantshi yase-Bethal ngoLwesine wabe esegwetshwa izinyanga eziyisithupha ebhadla ejele.

Ugonqe yedwane izinsuku eziyishumi nanhlanu ngaphambi kokuthi aqale isigwebo sakhe.

Izihloko zakamuva