Umshayeli wemoto yezokwelapha ku-Formula 1 unqabe umuthi wokugoma – futhi ubeka umsebenzi wakhe engcupheni

Dylan Bettencourt

Ukunqaba umgomo we-Covid  kungalahlekisela umlisa wakuleli u-Alan van der Merwe umsebenzi wakhe ohloniphekile ku-Formula 1 – kodwa yena umile kwelokuthi ngeke agome.

“Ngazi kahle ukuthi kungenzeka ngingaqashwa nokuthi inkululeko yami yokuhamba izobekelwa imingcele ngenxa yezinqumo zami,” ubhale kanjalo ku-Twitter.

UVan der Merwe oneminyaka engama-41 ubudala usevele waphuthelwa i-Grand Prix yase-Turkey ngemuva kokuthi atholakale etheleleke ngegciwane le-corona ngaphambi kwempelasonto yomjaho, futhi akazange aye e-Istanbul nethimba le-Formula One neqembu le-Formula E elenza imisebenzi yezokwelapha.

Kungenzeka aphuthelwe eminye imijaho ngenxa yesinqumo sakhe sokungagomeli i-Covid-19.

Uye ku-Twitter wathi lokhu bekungokwesibili etheleleka nge-Covid-19, kodwa uthathe isinqumo sokuthi angagomi  ngenxa yezizathu zakhe.

Umqondisi womjaho we-Formula One uMichael Masi utshele izintatheli ukuthi amazwe athile ngeke avumele abantu ukungena uma bengagonyiwe.

“Kumele uhambisane nalezi zidingo zokungena ezweni futhi ngalowo mbono i-FIA (i-Fédération Internationale de l’Automobile) kusobala ukuthi kumele ihloniphe izidingo zezwe ukuze wonke amaqembu nawo wonke umuntu bezohlonipha lokho,” kusho uMasi.

UVan der Merwe uthe uzoqhubeka nokuvimba abantu abamthumelela imilayezo emhlukumezayo ezinkundleni zokuxhumana.

“Ukuthi angeke ngikhethe okunye ukudlula impilo yami, akusho ukuthi ngithatha izinqumo ngenxa yobugovu. Sonke nje sifuna ukuba nempilo enhle,” esho.

Uqhubeke nokunxenxa bonke abantu abafuna ukugoma ukuthi bahambe bayogoma.

Sekusele imijaho eyisithupha kusizini ye-Formula One njengoba i-Grand Prix elandelayo izoba eMelika mhla zingama-24 kuMfumfu.

Umthombo wesithombe: @FormulaOne

Izihloko zakamuva