Everson Luhanga
Abantu ababili balimale kabi ngemuva kokuthi umshayeli wemoto afake imoto yakhe esixukwini sababhikishi abebebuthene emahhovisi e-Cooperative Governance and Traditional Affairs (i-COGTA) ePitoli ngoLwesine.
Ngenkathi kusalindwe ukuthi uhlu lwezikhalazo lunikezwe iPhini lomqondisi we-COGTA uPieter Pretorius, umshayeli wemoto ungene ngejubane esixukwini ebesicula.
Umshayeli ubaleke ngejubane kanti amaphoyisa asazombopha.
Abasebenzi ababili be-Community Works Programme (i-CWP) abalimale kanzima njengamanje basesibhedlela bayalashwa.
UGabriel Letsoalo uthe umfowabo uRiphard Letsoalo ulimale kanzima ebusweni, esifubeni nasemilenzeni yomibili.
“Ngesikhathi sibhikisha ngokuthula, abashayeli bezimoto baqondiswe kweminye imizila ngamaphoyisa abekhona,” kusho uGabriel.
“Ngenkathi zonke izimoto zilalela imiyalo yokusebenzisa eminye imizila, lo mshayeli oyedwa akazange akwenze lokho futhi unqume ukushayela phakathi kwabantu.
“Ngibone umfowethu eshayiswa imoto. Undizele emoyeni washayeka kwenye yezinto ehlala emgwaqeni wetiyela olukhuni,” esho.
UGabriel uthe ukulimala bekukubi kangangokuba ubuso bomfowabo bebungabonakali.
“Ubungeke ukholwe ukuthi bekungumuntu ofanayo obecula futhi edansela izingoma zomzabalazo ngenkathi elinde ukudlulisa imemorandamu,” kusho uGabriel.
Ekhuluma embhedeni wakhe esibhedlela eSteve Biko Hospital ePitoli, uHendricha Makgotho uyazisola ngokujoyina imashi.
“Bengikahle usuku lonke ngihamba kahle, kodwa manje sengihamba ngezinduku futhi umlenze wami wangakwesokudla ucishe waphuka”.
Uthe ubuhlungu abubekezeleleki.
Uthe ngesikhathi ebona umshayeli ehlehlela emuva, ubengacabangi ukuthi angahle angene esixukwini esingaka. Bekubukeka kuyinto engeke yenzeke.
Umama wezingane ezimbili usebenze ohlelweni lohulumeni basekhaya lokuhlanza imigwaqo yase-Gauteng kusukela ngowezi-2012.
Omunye wabaholi nabahleli bemashi, uCedric Chauke, uthe ababambe iqhaza ku-CWP abavela e-Gauteng baye emahhovisi e-COGTA ukuyoveza lezi zikhalazo ezilandelayo:
● Abasebenza ohlelweni kumele babe nokubambisana nabahlanganyeli abanamandla okuqhuba uhlelo, njengendlela yokuthuthukisa ababambe iqhaza abazinikele kusukela ngowezi-2010.
● Uhlelo olusha lwaseGoli i-Agent Seboka Training and Support Network kumele luyeke ukusabisa abasebenzi bendawo. Babekwe amacala okubaphoqa ukuthi basayine izinkontileka kungakapheli amahora amathathu noma babe sengozini yokuphelelwa yimisebenzi.
● Ukuthuthukiswa okufanele kwabahlanganyeli ukuze bakhululeke.