Umshayeli ohambisa izimpahla zakwa-Checkers ubonakale entweza e-Clifton

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Umshayeli wakwa-Checkers Sixty60 ubonwe egibele isikejana etshuza olwandle ebhishi lase-Clifton.

Le vidiyo isabalale ngokushesha njengoba abantu baseNingizimu Afrika bezibuza ukuthi ngabe lena yindlela entsha yokuhambisa izinto kwa-Checkers.

Abasolwandle baseKapa babone isimanga ngesikhathi umshayeli we-Checkers Sixty60 efika e-Clifton Fourth Beach ehamba nge-jet ski.

Ividiyo esabalele ku-TikTok ikhombisa umuntu odilivayo entweza olwandle oludumile engasebenzisi isikuta.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi abakwa-Checkers belokhu benweba izindlela zokulethwa kwezidingo ezweni lonke, baze bafaka uphawu lwabo kwizindiza ekuqaleni kwalo nyaka.

Nakuba kungakacaci ukuthi ngabe lokhu kuwukufuna udumo emphakathini noma kuyisixazululo sokusheshe ufike ungabanjezelwa izimtoto zaseKapa, lokhu kudonse amehlo abantu.

Abagibeli abadilivayo bakwa-Checkers Sixty60, nezithuthuthu zabo, bavame ukucasula abanye abashayeli ngenxa yokushayela budedengu ngezinye izikhathi, bezama ukuletha igrosa esikhathini esingangehora ababekelwe sona.

“Bangakwazi ukungilethela u-ayisikhilimu wami ngaphambi kokuba uphenduke ijusi?” omunye ebuza ezinkundleni zokuxhumana enza ihlaya.

UCheckers awukakasho lutho ngokulethwa kwe-jet ski emabhishi aseKapa.

Esithombeni esingenhla: Umuntu odiliva kwa-Checkers Sixty60 ku-jet ski e-Clifton Beach.

Umthombo: Isithombe esithathwe kwividiyo

Izihloko zakamuva