Kabelo Tlhabanelo
Bakuhlele konke futhi umsebenzi wabo base bewufezile ngenkathi bephumelela ukubamba isitolo samaselula kwinxanxathelo yezitolo.
Kodwa abasolwa abathathu balahle amaselula ngenkathi bebona imoto abebehamba ngayo ihamba ngesivinini ibashiya.
Lokhu kwenzeke ngenkathi umshayeli ohamba nabasolwa ebona abasolwa begijima bejahwa amaphoyisa.
Abasolwa bangene kwinxanxathela yezitolo yase-Boulevard nase-Sasolburg bezenza abathengi.
Ongumdayisi wasesitolo ukhiphe amaselulo wawabeka kwitafula ngethemba lokuthi labasolwa bazothenga amaselula.
Ababili bangene esitolo nezibhamu abathathu bathatha amaselula babaleka nawo umnini wesitolo engakabizi onogada.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Motansti Makhele uthe abasolwa bajikijele amaselula phansi.
Utshele abakwa Scrolla.Africa ukuthi “abasolwa bebenayo imoto abazobaleka ngayo ewuhlobo lwe-Ford ebibalindile kodwa ibalekile ngenkathi ibona ukuthi abasolwa abathathu bajahwa amaphoyisa.”
Amaphoyisa abe esebopha labasolwa abathathu abazovela enkantolo yase Sasoburg ngomhlaka-5 kuNcwaba.
Umshayeli usagcwele izinkalo.