Umshayeli obedakiwe udale ingozi kwashona umfundi kwalimala (11)

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Imindeni yomfundi oshonile nabanye abangu-11 abalimale kanzima ngesikhathi ikhumbi abebegibele kuyo ishayisa ngase-Delmas eMpumalanga ngoLwesihlanu ntambama ifuna kuboshwe umshayeli okuthiwa ubephuzile futhi egijima ngesivinini esiphezulu ngaleso sikhathi.

Abafundi base-Sandra Primary School kanye nase-Secondary School e-Delmas bebethuthwa ngezimoto ezizimele (private) beyiswa e-Etwatwa, e-Daveyton, Ekurhuleni, ngesikhathi umshayeli ehluleka ukulawula imoto ejikeni eliyingobela (sharp) emgwaqeni uDelmas.

Ikhumbi iginqike yangena esigangeni, abanye abafundi baphoseka ngaphandle kwemoto.

USiboniso Nkosi, (17), kuqinisekiswe ukuthi ushonile endaweni yesigameko, kanti abanye abafundi abangu-11 balimale kanzima base bephuthunyiswa esibhedlela i-Far East Rand.

Ubabekazi kaNkosi, uLindiwe Nkambule, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi imindeni ifuna kuboshwe umshayeli.

“Ube budedengu ngokuzama ukujika ejikeni ngesivinini esiphezulu – lokhu kukhombisa ukuthi ubephuzile. Ngisho nabebesendaweni yesigameko, abazibonele basitshele ukuthi ubeshayela ngesivinini esiphezulu.

“Umnikazi wemoto ethutha abafundi kuthiwa uthathe umshayeli wesikhashana endaweni yokucima ukoma ukuba ashayele (ngoba umshayeli ojwayele ukushayela ubengekho), wagembula ngempilo yezingane zethu futhi ngenxa yalokho, kufanele bajeze.

“Ukushona kwendodana yethu kanye nabafundi abalimele ngesikhathi sesigameko angeke kube yize,” usho kanje. 

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eMpumalanga, uJasper Zwane, uthe izikhulu zivakashele esikoleni ngoMsombuluko ukuyoqoqa imininingwane.

“Bebeye khona nokuzohlinzeka ukululekwa ngokwengqondo abafundi nothisha abathintekile nokuzokhombisa uhlobo lokwesekwa okudingwa umndeni oshonelwe.

“Sizosebenzisana kakhulu nesikole nemindeni ethintekile,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa ase-Springs uSayitsheni Themba Radebe uthe baphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

Esithombeni ngenhla: USiboniso Nkosi, oshone kule ngozi, nomndeni wakhe ozilile.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva