Lungani Zungu
Umshana kaMengameli wangaphambilini uJacob Zuma, uMuzi Zuma, ungumsolwa omkhulu ngokubulawa kwentombi yakhe ngowe-2018.
Kodwa namanje usabalekela amaphoyisa.
Kusolwa ukuthi uMuzi wabulala uBafisani Dlamini oneminyaka engama-27, ngemuva kokuthi lezi zithandani zichithe uNcibijane ndawonye e-Ezindlozi, eduze komuzi kaZuma eNkandla.
Unina kaDlamini wayekhathazeke kakhulu ngesikhathi indodakazi yakhe, eyayichithe ubusuku kubo kamsolwa ingabuyi ekhaya, wase wahamba eyoyibheka indodakazi yakhe.
Ukwesaba kwakhe okukhulu kuqinisekiswe ngesikhathi ethola indodakazi yakhe isishonile inenxeba lokudutshulwa ehlombe langakwesobunxele ehlathini elisendleleni ebheke kubo kamsolwa.
Umsolwa kuthiwa ubalekile endaweni ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko.
Lezi zithandani bezinengane eyodwa.
Umalume kaBafisani, uBhekinkosi Dlamini, uthe umsolwa wasebenzisa ukuxhumana kwakhe nomndeni wakhe ukuze abalekele ubulungiswa.
“Akuwenzi umqondo ukuthi amaphoyisa ayehluleka ukubopha umuntu eminyakeni emibili ngemuva kokubulawa. Sinxusa amaphoyisa ukuthi ambophe. Sizothola ukuphumula ezinhlizweni zethu uma eboshwa.”
UDlamini uthe akawuzondi umndeni wakwaZuma.
Umfowabo kaJacob Zuma, uKhanya, uthe umndeni nawo ufuna umsolwa ajeziswe uma enecala.
“Siyazwelana nosizi lomndeni wakwaDlamini. Sifuna nokuthi kwenziwe ubulungiswa,” kusho uKhanya.
Wazichitha izinsolo zokuthi umsolwa wasebenzisa ukwaziwa komndeni ukugwema ubulungiswa.
Umthombo wamaphoyisa ongagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba uthe umsolwa ubukeka ehamba phambili kunamaphoyisa.
“Kubukeka sengathi kukhona oqhubeka nokumtshela ulwazi mayelana nophenyo, yingakho ebalekele ubulungiswa isikhathi eside,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbhele uthe kukhishwe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaMuzi Zuma. Unxuse abanemininingwane ukuthi bathinte amaphoyisa ku-Crime Stop inombolo 08600 10111 noma umphenyi wecala.