Umshado oqale ngokujabula kodwa waphela ngokuchitheka kwegazi

Everson Luhanga

Kuqale njengobusuku obunenjabulo nokubungaza – kodwa kwaphela ngokuchitheka kwegazi.

Imigulukudu yabesilisa abayisikhombisa abakade begadlile bagasele emzini othile e-Tshepisong ngase-Kagiso entshonalanga neGoli ngoMgqibelo ebusuku befuna ukuziphindiselela.

Kubukeka sengathi bebephume ngenhloso yokubulala abesilisa abathathu abasolwa ngokubandakanyeka ekubulaweni kwelungu lomgulukudu elibulawe ngempelasonto edlule.

Abesilisa ababili okusolakala ukuthi bekuziwe kubo bashonile kwathi oyedwa wasinda – kodwa bekungebona bodwa abayizisulu.

Abanye abane bashonile ngesikhathi iqembu lemigulukudu elisolwa ngokuthi i-Basotho” lilwa nendlela yokuphuma.

Laba abathathu abashonile uSammy Makwane nononkosikazi wakhe uSharon Maria Kediemetse, uMashudu Nemalili obesendlini yomxhaso egcekeni elilodwa, kanye nomnikazi weshibhini osindile.

Ngenkathi kudutshulwa, bekuqhubeka umcimbi womshado kamakhelwane.

Benganakile ngenhlekelela eyenzeka eduze nabo, abantu bebephuza bejabulela impilo ngemuva komshado kaPrince Maliaga nesithandwa sakhe u-Elizabeth Dlamini.

Kodwa la madoda abehlomile, azame ukweqa endaweni lapho ababulale khona abantu abathathu, angene emshadweni nesibhamu adubula ngokungenhloso.

Abadubulekile kubalwa indodana kamakoti nomkhwenyana uPhilani Dlamini. Indodana kamkhwenyana uBruce Masepa ilwela impilo yayo esibhedlela.

Bayisikhombisa sebebonke abantu ababulewe kwathi abanye abayisishiyagalolunye kwabikwa ukuthi bathola usizo lwezempilo ezibhedlela ezahlukene.

ULerato Kote, oshonelwe ngumyeni wakhe uCarlos Sithole ngesikhathi imigulukudu ivulela ngenhlamvu, uthe kunabasolwa abayisikhombisa. “Badubule izinhlamvu eziyisishiyagalombili kuSammy [Makwane] kwathi unkosikazi wakhe washaywa ngezinhlamvu eziningana.

“Umyeni wami uCarlos udutshulwe amahlandla amathathu ekhanda lakhe,” kusho uLerato.

“Uzamile ukubaleka ngemuva kokudutshulwa, kodwa waquleka wafela khona lapho.”

ULerato uhlobene noSammy kanye nomkakhe uSharon Maria Kediemetse.

Ngesikhathi ithimba le-Scrolla.Africa lifika endaweni yesehlakalo, bekusekhona igazi egcekeni lapho lezi zithandani zishonele khona.

Njengoba usuku luqhubeka, amalungu omndeni ashaqekile aqala ukuthutheleka endlini.

Kwabashonile kubalwa uSharon Mutle, nodadewabo uDipuo osesithombeni ngenhla.

“Angazi ukuthi yini inhloso, kodwa ngiyazi ukuthi udadewethu ufele into angazi lutho ngayo,” kusho udadewabo.

Izihloko zakamuva