Umsebenzi wasebhange webe cishe u-R1 million ekhasimendeni elishonile

Lubhalwe nguRorisang Modiba

UDorcus Nyambi, owayeyisisebenzi saseStandard Bank, ugwetshwe iminyaka eyisishiyagalombili ngokuqola u-R940 000 kwi-akhawunti yekhasimende elashona.

UNyambi (37) obesebenza njengomphathi oThongathi, eMpumalanga ulahlwe yicala lokukhwabanisa ngokuvula i-akhawunti eyayingasebenzi ngesikhathi umndeni kamufi ulungisa izindaba zefa lakhe.

Ngokusho kokhulumela oKlebe uCaptain Dineo Sekgotodi, uNyambi kanye nozakwabo bangeze abahlomuli kwi-akhawunti evuselelwe. Badlulisela izimali ezahlukene kulama-akhawunti axhumene, bakhwabanisela iStandard Bank cishe isigidi samarandi.

Ngokombiko we-IOL, uNyambi ulahlwe yicala ngaphansi komthetho iPrevention of Organised Crime Act ka-1998 futhi wabhekana namacala amabili ngaphansi komthetho i-Electronic Communications and Transactions Act ka-2002.

Osesithombeni esingenhla: UDorcus Nyambi.

Umthombo wesithombe: Facebook.

Izihloko zakamuva