Umsebenzi omusha kaMona Monyane wokulingisa kwibhayisikobho

Lwazi Nongauza

Owayengumlingisi ku-Muvhango naku-Skeem Saam uMona Monyane usethole omunye umsebenzi wokulingisa kwibhayisikobho  emfushane.

Engxoxweni abe nayo nabakwa-Scrolla.Africa, uMonyane uthe ukujabulele kakhulu ukubuyela kulo mkhakha futhi asebenze nethalente elisencane elizimisele ngokuxoxa izindaba ezakhayo.

Uthe abantu kufanele bayeke yonke into babuke i-Dinaledi High School ngoMgqibelo ebusuku.

“Indawo engiyidlalayo, kaMantoa Mokoena, izokhombisa ababukeli ukuthi bangalokothi besabe ukuveza imizwa yabo bathande futhi bavikele umndeni wakho,” uyasho.

Le bhayisikhobho ikhuluma ngomfundi owenza kahle ebholeni lombhoxo kodwa edixizelelwa phansi nguthisha oqinisa umthetho ngoba wafeyila izivivinyo zebanga le-12. Kepha izinto ziyashintsha lapho bethola ukuthi bangubaba nendodana.

“Le bhayisikhobho izosiza abantu abaningi ukuqala ingxoxo ebaluleke ngokweqile emakhaya amaningi ezweni lonke,” uyasho.

Kanye noMonyane, kukhona owayeyisihlabani se-Isithembiso, u-Ayanda Bandla, nomlingisi weVula Vula uVincent Mahlape.

Umbhali ophinde abe ngumqondisi, uCharlie Samson, utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi kungani yena nethimba lakhe e-Seamless Cut bekhiqiza izindaba ezishukumisa ingqondo.

“Ukuqala, ukubaluleka, iqiniso nokuqina ngamanye amagama achaza kahle lokho i-Seamless Cut elwela ukukwenza,” kusho uCharlie.

“Esikuqukethe kuvame ukukhombisa okwenzeka empilweni yangempela. Lokhu kuphuma ikakhulu lapho sixoxa indaba lapho sithatha ucezu lwalokho esike sadlula kukho empilweni futhi sikuphefumulela embhalweni.”

Uthe le ndaba isondele enhliziyweni yomlingani wakhe.

I-Dinaledi High School iqale ukukhonjiswa ngoMgqibelo ngo-8.30 ebusuku ku-DStv Channel 161

Izihloko zakamuva