Sizwe Sibiya
Ngaphambi komdlalo wakhe wesibhakela nozakwabo ongumrepha uCassper Nyovest, uPriddy Ugly ugubha unyaka nge-albhamu yakhe entsha yesibili esihloko esithi-The Mud EP.
UPriddy Ugly ogama lakhe langempela uRicardo Moloi, uthe uzokhipha i-albhamu entsha mhla zimbili kuMandulo. Amaculo ayo ayisishiyagalombili azoqhubeka ohambweni lwakhe lwezomculo kusukela kwi-albhamu yakhe yanyakenye esihloko esithi-Soil.
“Kuleli sonto sihlanganisa unyaka selokhu ngakhipha icwecwe lami lokuqala elithi-‘SOIL’ futhi ngifuna ukubungaza lokho ngomculo omusha. Kuyinjabulo enkulu ukuthi ngenethulele i-‘MUD’ – isigaba esilandelayo somculo wami,” kusho uPriddy Ugly ememezela i-albhamu entsha ngoMsombuluko.
Kodwa ungakhathazeki. Uma ungumlandeli akudingeki ulinde uMandulo ukuze uthole ukunambitheka kwe-The Mud ezotholakala kusukela ngoLwesihlanu.
Lo mrepha wase-Meadowlands e-Soweto uphinde wamemezela ukuthi uzobusisa abalandeli bakhe ngevidiyo yomculo ngoLwesihlanu ngengoma engakaphumi i-The Mud esihloko esithi “30 Minutes to Soweto”, ayicula ngokuhlanganyela noDoe Boy Maglera.
I-The Mud, ayicula nabaculi abafana noMarcus Harvey, uBlxckie, uZoocci Coke Dope kanye nowama-piano uLady Du ukubala abambalwa, kulindeleke ukuthi ibe ngenye yemikhiqixo ehamba phambili ye-hip hop kulo nyaka.
Khonamanjalo, lo mrepha owazalelwa e-Luanda, e-Angola, uzoqhubeka nokuzilolongela umdlalo wesibhakela okulindeleke ukuthi ube ngentwasahlobo kulo nyaka.
“Ngibuyele endaweni yami ejabulisayo. Izinsuku zokulwa nezimemezelo zizodalulwa maduze,” kusho uCassper Nyovest ekhasini lakhe laku-Instagram, njengomuntu olungiselela indawo nabaxhasi bempi yesithathu yosaziwayo.
Impini yokuqala yesibhakela uNyovest wayebhekene nomhlaziyi wezindaba uSlik Talk owahlulwa kulo mdlalo emzuliswaneni wokuqala ngomhlaka-22 kuZibandlela nyakenye.
Mhla ziyisishiyagalolunye kuMbasa, uNyovest uye wahlulwa ebhekene nomculi ophinde abe umlingisi uNaakMusiq ngemuva kwemizuliswano emithathu.
Umthombo wesithombe: @PriddyUgly