Sizwe Sibiya
Umrepha we-Motswako osewine izindondo eziningi uKhuli Chana wethule “uhlelo olusha lokukhiqiza amakhono kuleli” oluqanjwe ngegama lakhe lasesiteji.
UKhuli Chana, ogama lakhe langempela uKhulane Morule, uvule iKhuli Chana Studios e-Midrand ngoMsombuluko ngomhlaka-25 kuNtulikazi ukuze kuthuthukiswe imboni yezokungcebeleka eMzansi.
“Izitudiyo zihlinzeka ngezinsiza zokwenza izinhlelo kumabonakude, umsindo, ukusakaza bukhoma kanye nokukhiqizwa komculo,” ngokusho kwencazelo yale nkampani.
Ngesikhathi abasakazi kanye nabaculi abaningi besazibuza ukuthi kuzobabiza malini ukukhiqiza abakuqukethe ezitudiyo ezintsha, umhlaziyi wezokungcebeleka uMusa Khawula uveze ukuthi lezi zitudiyo zivuleleke kumphakathi wonkana!
“Sihalalisela uKhuli Chana ngokuvula isitudiyo sakhe sokukhiqiza lapho abantu abangabhukha khona futhi baveze amakhono abo, baqophe umculo noma benze izinhlelo zakumabonakude MAHHALA!” kubhala uKhawula ekhasini lakhe elidumile laku-Twitter.
UKhuli Chana, wase-Mmabatho e-North West, wawina izindondo ezine ze-South African Music Awards ngama-albhamu akhe amathathu asestudiyo anesihloko esithi-Motswakoriginator, i-Lost in Time kanye ne-Planet of the Have Nots ngo-2019.
Ukhiphe ingoma yakhe yokugcina enesihloko esithi-“Buyile” ngoNhlaba kulo nyaka ayicula ngokuhlanganyela nabaculi bama-piano uTyler ICU, iqembu labaculi ababili iStino Le Twenny kanye noLady Du onethalente.
Siyethemba ukuthi njengoba sekuvulwe izitudiyo ezintsha, uzobusisa abalandeli bakhe ngomculo owengeziwe we-motswako, okuwuhlobo lwe-rap oludabuka esifundazweni sangakubo.
Umthombo wesithombe: Khuli Chana Studios