
Sizwe Sibiya
U-A-Reece, ongomunye womrepha abahlonishwa kakhulu eMzansi, uzishaya isifuba ngokuthi ungumculi ohamba phambili, hhayi eNingizimu Afrika kuphela, kodwa kwizwekazi lonke.
“NGINGUMREPHA OHAMBA PHAMBILI E-AFRIKA” kubhala lo mculi owazalelwa ePitoli ku-Twitter ngoLwesithathu.
Ngalo mbhalo, lo mrepha – ogama lakhe langempela nguLehlogonolo Mataboge – ususe umsindo ikakhulukazi kubalandeli bakaNasty C.
“Ngabe uNasty C usewahamba kulelizwekazi?” kubuza omunye ku-Twitter.
“Kungani uNasty C obhala nge-akhawunti ka-A-Reece?” kuncokola omunye.
Labo mrepha ababili bayinkukhu nempaka njengoba bebanga. Bobabili bazalwa ngo-1997 futhi bagqama emculweni ngesikhathi esisodwa.
Bobabili bakhiphe ama-albhamu abo okuqala esitudiyo ngokuhlukana ngamasonto ambalwa ngo-2016, nge-C’s Bad Hair kaNasty C eyakhishwa ngoMandulo ngaphambi kokuthi i-Paradise ka-A-Reece ikhishwe ngaphansi kwe-Ambitious Entertainment.
Kamuva u-A-Reece wahlukana nelebula ngenxa yezingxabano zemali futhi manje usezimele.
U-Nasty C ubukeka ephumelele kakhulu kwezentengiso kuno-A-Reece. Unama-albhamu amathathu e-iTunes-charting studio, ngesikhathi u-A-Reece ekhiphe ama-albhamu amabili kuphela kuze kube manje.
Kodwa-ke, abaningi bacabanga ukuthi ikhwalithi yomculo ka-A-Reece ihamba phambili kakhulu kunekaNasty C.
U-Nasty C njengamanje ujikeleza izwe nomrepha waseMelika uDomani Harris, oyindodana yesihlabani somculo we-hip-hop u-TI. I-Ivyson Army Tour iqale e-Bloemfontein mhla ziyisithupha kuNhlaba kanti izobhekisa amabombo eThekwini ngoMgqibelo wangomhlaka-14 kuNhlaba.