Umrepha ushiya u-Twitter ngenxa yengcindezi

Sizwe Sibiya

Omunye wabesifazane ongumrepha waseMzansi uMoozlie usenqume ukuhoxa ku-Twitter ngenxa yezinkulumo ezingezinhle azitholayo.

UMoozlie ogama lakhe langempela nguNomuzi Mabena wase-Benoni e-Gauteng, ukhiphe isitatimende ngoLwesithathu ememezela ukuthi uyahoxa ku-Twitter kanti ikhasi lakhe selinabalandeli abangaphezu kuka-470 000 kusukela alivula ngoMasingana ngonyaka ka-2010.

“Uma kade ungilandela ku-twitter mhlawumbe usubonile ukuthi sekunesikhathi ngingawusebenzisi,” ubhale kanje ekhasini lakhe.

“Ngenze isinqumo sokuhoxa ku-Twitter ngoba ngibone sengathi ayihambisani nemibono nezinkulumo ezithinta impilo yami futhi ngihlezi ngiphuka inhliziyo ngiphatheke kabi.”

Ngemuva kokubikwa kwezigameko zokuhlukumezeka ku-Twitter okusolakala ukuthi ziholele elushoneni komlingisi wodumo uPatrick Shai ngoMasingana, abaculi abaningi baseMzansi okubalwa kubo uNasty C, u-AKA no-Oscar Mbo bakhulume ngezingqinamba abanazo kwi-Twitter osekuholele ekutheni bacabange ukushiya le nkundla ngoNdasa.

Kodwa kusukela lapho u-Okmalumkoolkat uyena kuphela umculi okwazile ukushiya inkundla unomphela. Kusukela ngomhlaka-24 kuZibandlela ngo-2020 umculi oshisa izikhotha ushiye abalandeli bakhe abangaphezu kuka-380,000 bevaleleke ku-Twitter.

Khonamanjalo uMoozlie owaduma ngemuva kokuwina i-Search ye-MTV VJ ngo-2012 naye ukubeke kwacaca ukuthi i-akhawunti yakhe ye-twitter izohlala isebenza ngezinhloso zomsebenzi.

“Ngakho-ke nginqume ukuvumela ithimba lami labaphathi ukuthi lingithumelele imisebenzi ehlobene nomsebenzi nokuxhumana,” kwengeza uMoozlie ozobe ehlanganisa iminyaka engu-30 ngomhlaka-22 kuMandulo.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva