Umrepha usekhiphe enye eshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

Ividiyo entsha yomculo yomrepha u-K.O ethi “Emoyeni” ibingasoze yaphoxa.

UK.O, ongumsunguli wenkampani eqopha umculo  iSkhanda World, ubelokhu ehlanganisa i-hip hop ne-old school Kwaito ukuze akhiqize izingoma ezishisa izikhotha minyaka yonke iminyaka engaphezu kweyishumi. Ukungaguquguquki kwakhe yikho okumbeka phezulu.

Ingoma ethi “Emoyeni”, ekhishwe ngomhlaka-24 kuNdasa, ingumthandazo obhekiswe “kuNkulunkulu” ecela ukuthi angamthathi manje, njengoba esemncane, futhi esanemali okumele ayidle.

Ividiyo yomculo ikhombisa lo mlayezo owubukhazikhazi, obonisa uK.O ejabulela izinto ezibizayo.

Ngemuva kokukhipha izingoma ezimbalwa ezishisa izikhotha ebambisene neqembu labaculi abathathu i-Teargas, uK.O wakhetha ukucula yedwa. Ube esesungula i-Cashtime Life, enye nkampani eyakhiqiza izingoma ezishisa izikhotha njengethi “Cara Cara” ayicula noKid X kanye nethi “Ugogo” eculwa nguMa E.

Le nkampani iphinde yakhipha izingoma ezishisa izikhotha zomrepha abahamba phambili abafana noMoozlie, uSmashis (osewaziwa ngoZinga) kanye noMaggz.

Ngemuva kwe-Cashtime Life, uK.O waqala omunye umsebenzi wakhe wokucula yedwa kwaze kwaba ngu-2020, ngesikhathi enquma ukusungula elinye iqembu labaculi ngaphansi kwenkampani entsha ebizwa ngokuthi “i-Skhanda World”.

Le nkampani ikhiphe i-albhamu ethi “Welcome to the Planet”, okuyi-albhamu eyathula uJust Bheki, uRoiii, uLoki kanye noDJ Mr X eMzansi.

Ingoma ethi “Emoyeni” ihlanganisa amandla afanayo njenge-Welcome to the Planet, enesigqi esihehayo kanye nenguqulo ye-neo yomrepha uK.O.

Khonamanjalo le ngoma ihlezi kwinombolo yesi-23 eshadini lomculo elisabalalayo ku-YouTube,  isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-75,000 kusukela yaqala ukukhishwa ezinsukwini eziyisithupha ezedlule.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva