Umrepha ukhiphe ehlonipha uRiky Rick

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokushona okungazelelwe kwesihlabani se-hip-hop uRiky Rick ngomhlaka-23 kuNhlolanja, kuphume izingoma zenduduzo ngomrepha ongasekho, okubikwa ukuthi wazibulala.

Umrepha uYoungstaCPT uthathe isikhathi sakhe ngaphambi kokuthi akhiphe ingoma ehlonipha umngani wakhe, kodwa ingoma yakhe ekhishwe kuleli sonto ethi “Dear Rikhado, Love Riyadh”, kungase kube ingoma eduduzayo esuka enhliziyweni nethinta inhliziyo ephuma kulo mrepha okwamanje.

Incwadi yengoma kaYoungstaCPT ihlanganisa konke okuhle uRiky Rick akulethe kule mboni.

“Yeah, dear Rikhado, your loss cut a youngin’ deep. I used your intro for the beat ’cause it helps with the grief,” kucula uYoungstaCPT kule ngoma.

“Your mother climbed Everest in less than twenty days. It amazes me to see all the strength that she displayed,” kucula lo mrepha, ekhumbula uhambo oluyimpumelelo lwase-Mount Everest lukaLoiusa Zondo.

UZondo, unina kaRiky Rick, waqala ukugibela i-Mount Everest eyohlonipha indodana yakhe, ufike phezu kwale ntaba ngemuva kwezinsuku ezingu-10 eqale ukuyigibela ngoNdasa.

Khonamanjalo, ingoma kaYoungstaCPT ikhishwe nevidiyo yomculo, ibonisa isiqeshana sabaculi ababili bendawonye ekhoneni lomgwaqo waseGoli.

Ingoma ethi “Dear Rikhado, uLove Riyadh” okwamanje ihlezi endaweni yesithupha kumavidiyo omculo asabalalayo ku-YouTube, ngemuva kokukhishwa kwayo ngoMsombuluko.