Umrepha ugubha unyaka ngeshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

UBlxckie, umrepha omusha kwi-hip hop yaseMzansi usekhiphe enye ingoma entsha eshisa izikhotha.

Ukugubha unyaka selokhu kwaphuma i-albhamu yakhe yokuqala eshisa izikhotha ethi-B4NOW, lo mrepha usekhiphe ingoma entsha ye-hip-hop ethi “Khuphuka”. 

IKhuphuka ekhishwe ngoLwesine, ene-tribal lib ad lib, isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-40 000 ezinsukwini ezine nje kuphela futhi ihlezi kunombolo ka-13 eshadini lomculo osabalalayo ku-YouTube.

I-B4NOW yenze uBlxckie waba ngomunye womrepha abahlonishwa kakhulu ezweni, ngemisindo ehlukahlukene evumela lo mrepha ukuthi acule futhi enze i-rap ezingomeni zakhe ngephimbo elifanayo.

“I-Africori iklomelise uBlxckie ngezindondo eziyishumi zokuzuza iGolide, i-Platinum ne-Double Platinum ezingomeni ezishisa izikhotha ze-albhamu ethi-B4Now/B4Now Deluxe, ethi-4Luv kanye nezingoma zebhonasi ezikhishwe esikhathini esingangonyaka,” kubhala i-Africori esitatimendeni esihalalisela lo mrepha ogama lakhe langempela nguSihle Sithole.

UBlxckie usheshe wakhipha izingoma ezingu-20 kwi-albhamu yakhe ethi-B4NOW, ezinyangeni ezintathu ngemuva kokukhishwa kwe-albhamu yokuqala enezingoma ezingu-12.

Izihloko zakamuva