Umrepha udlala umacashelana

Sizwe Sibiya

NgoNhlolanja uCassper Nyovest wathembisa uMzansi esidlangalaleni ukuthi uzovela kuphela kwi-MacG’s Podcast and Chill ngaphansi kombandela owodwa uma ehlulwa empini yesibhakela noNaakmusiQ.

“Uma ngihlulwa empini uma sengilwa noNaak ngizoya kwi-podcast kaMacG,” uCassper ebhala kwi-Twitter ngoNhlangulana ngonyaka ka-2022.

Sekuphele izinsuku eziyishumi umrepha oneminyaka engu-31 ubudala wase-Mahikeng e-North West ehlulwe empini ebhekene nozakwabo uNaakmusiQ mhla ziyishumi kuMbasa kanti abantu sebeqala ukubuza imibuzo.

Abethuli bohlelo uMacGyver Mukwevho odume ngelikaMacG kanye noSolomzi Phenduka odume ngelikaSol baphakamise lo mbuzo kwi-podcast yangoMsombuluko odlule kanti nabalandeli babuza imibuzo efanayo. 

“Usithembisile ukuthi uzoba kwi-Podcast uma uhluliwe lokho bekuyisithembiso osenze esidlangalaleni,” kubhala osebenzisa i-Twitter ozibiza ngoTimothy.

“Yebo ngiyavuma, kodwa angihlulwanga futhi njengamanje ngikwelinye izwe !!!! Kunjani lapho eNingizimu Afrika?” kusho uCassper ephendula umbuzo kaTimothy ngoMsombuluko.

Khonamanjalo uCassper akekho ejimini noma lapho enza khona umculo wakhe. Esikhundleni salokho lo mrepha useKapa eholidini uzama ukubuyisa umkhaba wakhe ngemuva kwezinyanga eziqeqeshela impi. 

“Sekwanele manje ngempi. Lesi isikhathi sokujabulela iholidi elincane eKapa mhlawumbe lokho ikhona okuzosiza ngibuyise umkhaba wami? Ngifuna ukuya kwi-jet skiing kusasa,” kusho uCassper ebhale kwi-Twitter ngoMsombuluko. 

Umthombo wesithombe: @DonBilliato

Scrolla World Cup Quiz